PHILI MJOLI
BANGU bangu-700 othisha okumele basuke ezikoleni abebefundisa kuzo baye kwezinye ngenxa yokuthi kwabebefundisa kuzo isibalo sabafundi sinciphile.
UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe kulabo thisha bangu-521 okulindeleke ukuthi baye ezikoleni ezintsha namhlanje.
UMahlambi uthe ekuqaleni konyaka umnyango uthole ukuthi bangu-961 othisha okumele basuke ezikoleni ebebefundisa kuzo baye kwezinye ngaphansi kohlelo iPost Provision Norm (PPN) , abangu-700 kubo kuphele ikota yokuqala bengakayi kulezo zikole.
"Lo 521 okulindeleke ukuthi namhlanje uye ezikoleni ezintsha uyingxenye yalabo thisha abangu-700. Sinxusa othishanhloko namalungu ezigungu zokuphathwa kwezikole, iSchool Governing Body (SGB) ukuthi bangabavimbeli othisha ngoba lokho kuzobe kungukwephula umthetho," kusho yena.
UNkk Nomarashiya Caluza, unobhala weSadtu kulesi sifundazwe, uthe ukuhamba kancane kwalolu hlelo kuphazamisa ukufunda ezikoleni.
"NgoLwesihlanu sibizele umnyango emhlanganweni sifuna ukuba usichazele ukuthi kumi kuphi njengoba sesingena kwikota yesibili kunabafundi abangenabo othisha. Ngokwazi kwethu, bangu-700 abangakayi ezikoleni ezintsha. Umnyango uthe abangu-521 sebenikeziwe izikole ezintsha, lokho okusenzeke emaphepheni kuphela. Siyezwa ukuthi unxusa ukuthi ama-SGB abangaxoshi othisha. Empeleni iSGB ayivumelekile ukuthi ingenelele kulolu hlelo. Kungumsebenzi kathishanhloko ukuthi eluleke iSGB ngemithetho okumele ilandelwe ezikoleni ngoba yona ayibona othisha," kusho yena.
Uthe nakubona othisha kuyenzeka bangathandi ukususwa lapho kade befundisa khona ngezizathu ezehlukene.
"Ngeshwa awukho umthetho okhava uthisha ekutheni aqhubeke nokuhlala esikoleni okumele ngabe akasekho kuso. Umnyango kumele usheshise lolu nohlelo lokuqasha ngoba ngaphandle kwalabo thisha abangu-700 kuvele kunezikhala ezevile ku-800 zothisha kulesi sifundazwe. Lezi zikhala ngezothisha bezibalo, abe-Afrikaans nabanamakhono adingeka ezikoleni zabafundi abakhubazekile okuvamise ukuthi kube i-woodwork, ukuthunga nezinye. Kulaba abasuswa kwezinye izikole beya kwezinye awekho lawo makhono. Akumele silokhu sigidagida kulolu hlelo sengathi yilona kuphela olwenza kushode othisha ezikoleni. Umnyango kudingeka uqashe," kusho yena.
Uthe kunezikole ezishoda ngothisha abangu-12 njengeSithengile High eseClermont.
"Lesi sikole kuqale unyaka sidinga othisha abayisishiyagalombili abengeziwe ngenxa yokwanda kwabafundi, manje sesidinga abangu-12 ngoba abanye bathathe umhlalaphansi, abanye bashona," kuchaza uNksz Caluza.
Unobhala -jikelele weNatu uNkk Cynthia Barnes uthe le nyunyana beyingamenywanga emhlanganweni obungoLwesihlanu, ayazi lutho ngobekukhulunywa kuwo.
Kukhalwa ngothisha abangakayi ezikoleni nje KwaZulu-Natal, kwezinye izifundazwe kunabafundi okuze kwaphela ikota bengafundi ngoba bengazitholanga izikole, besalinde umnyango ukuthi ubatholelele izikole
UMnuz Elijah Mhlanga, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uthe izifundazwe ezifana neGauteng neWestern Cape zinabafundi abaningi abadinga izikole ngenxa yokuthi abazali bayafuduka beyofuna amathuba emisebenzi.
"Kumele abazali balinde, le nkinga idalwa yisimo somnotho. Umnyango uye wakhe amakilasi angomahamba nendlwana nakho okuthatha isikhathi," kusho yena.