INKOSIKAZI yomholi we-EFF uMnuz Julius Malema isijoyine umyeni wayo ekuthatheleni izinyathelo zomthetho ilungu le-ANC ePhalamende uMnuz Boy Mamabolo ngemuva koveza izinsolo zokuthi uMalema uyayihlukumeza.
UMamabolo angagcina esephoqeleka ukuthi ahlawule omunye u-R1 million ngaphezulu uma limlahla icala lokudicilela phansi isithunzi sikaMalema nomkakhe uNkk Mantoa Matlala-Malema.
Encwadini ebhalwe ummeli kaNkk Malema, uMnuz Ian Levitt, uMamabolo usolwa ngokuphawula kwakhe okudicilela phansi isithunzi sikaNkk Malema, ephephandabeni iSowetan.
" Amanga akho aseholele ukuthi umndeni wonke ugutshezelwe yifu elinyama. Amanga akho asedale umonakalo omkhulu emndenini," kusho ummeli kaNkk Malema.
UMamabolo uveze lezi zinsolo zokuhlukunyezwa kukaNkk Malema ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yesizwe ePhalamende, eKapa ngeledlule.
Ukusho lokhu ecasulwa i-EFF ebiphazamisa inkulumo kaRamaphosa wabe esethi ngeke bavume ukuhlukunyezwa uMalema 'ohlukumeza;' inkosikazi yakhe ekhaya.
NgoLwesibili uMalema noMamabolo baphinde batholana phezulu emuva kokuthi uMamabolo ephinde wavusa lezi zinsolo ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano yenkulumo yesizwe.
Abameli baNkk Malema bathe ukube lezi zinsolo ziliqiniso ngabe wavula icala emaphoyiseni, bakubeke kwacaca ukuthi akadingi ukuthi uMamabolo amkhulumele.
UMamabolo usole uMalema ngokubalekela enkantolo kunokuthi amphendule ePhalamende.
UMalema unikeze uMamabola kuze kube ukuphela kosuku lwanamuhla (Lwesithathu) ukuthi axolise kodwa umkakhe uthe ufuna ahoxise isitatimende sakhe esidlangalaleni nasemakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, kubalwa isitatimende sabezindaba, ingxoxo nabezindaba nokuvumela i-EFF ukuthi isabalalise isixoliso sakhe.
You all speak today because I responded against your favorite. I will never be silenced by you hypocrites. I have nothing to fear or hide hence the legal action so that all can come to the open. I never laid a hand on any woman, my wife in particular, including all children.
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) February 18, 2020
%%%twitter https://twitter.com/CapricornFMNews?ref_src=twsrc%5Etfw">@CapricornFMNews pic.twitter.com/Il59TFZuFc
— Boy Mamabolo (@BoyMamabolo)
Epheundula incwadi yabameli ngoLwesithathu ntambama uMamabolo uthe sebeyotholana enkantolo noMalema ngoba unabo ubufakazi bokuthi uMalema uhlukumeza umkakhe.
undefined