Izindaba

Inkosi esencane esihlalweni ebesinombango

Nkosikhona Cele|Published

Inkosi esencane uMusawenkosi Ngubane

Image: SITHUNYELWE

IZOQALE yemukelwe ngomthandazo ohlanganisa wonke amabandla inkosi obese kuphele iminyaka emihlanu ingahlezi esihlalweni ngenxa yombango. Lokhu kuzokwenzeka ngoLwesithathu oluzayo, ngemuva kokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu umemezele ukuthi uzodlulisela isitifiketi eNkosini Musawenkosi Ngubane (40), ozalwa eMabomvini, eMsinga.

Ukhokho weNkosi uNgubane, uMnuz Leonard Ngubane, uveze ukuthi okwamanje bazoqala ngomthandazo njengoba isimo besingelula, umbango usha phansi.

"Sizobonga ukuthi ekugcineni uhulumeni uzonikeza umuntu oyinkosi isikhundla sakhe. Kube iminyaka emihlanu enzima yombango walesi sikhundla owaqala kukhothama uyise weNkosi uPano Ngubane. Ngakho ngoLwesithathu oluzayo, ngeke senze mcimbi wokubungaza ojwayelekile uma inkosi inikwa isitifiketi, sobamba umkhuleko sibonge uMdali ngokusigcina size sibone lolu suku," kusho uMnuz Ngubane.

Uthe babize isizwe ngoba sebethole isitifiketi nokuyinto okumele yaziwe esizweni sonke.

"Sifuna ukukubeka kucace ukuthi asikhethi nkolo, sibiza wonke umuntu. Engingakusho ukuthi umcimbi ojwayelekile angeke ngisho ukuthi uyoba ngemuva kweminyaka emingaki kusuka manje, esisazokwenza ukuhambela izigodi ezihlukene sethula inkosi kubantu bayo, bese iyahola ngendlela enokuthula," kuchaza yena.

Uthe ngisho amabutho azobe engekho ngenxa yohlelo abafuna ukulwenza okwamanje. Uveze ukuthi nasenkosini eyakhothama njengoba sekuthatha lena manje, wawukhona umbango kodwa abawubone kumele kuthathe eyamanje, ubumubi kakhulu.

Ukugcizelele ukuthi bona njengabantu abadala bazimisele ukuthi bayikhulise iNkosi uMsawenkosi njengoba isencane. Uthe uma inkosi isondela kubona akukho nokuncane ukungabaza lokhu ukuthi ngokwenza kwayo kanjalo iyoncela kogwansile, wathi nabo njengabantu asebehambe ibanga elide nesizwe, bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi inkosi ibonakala yenza konke ngendlela efanele nevuma isizwe.

UNgubane uthe okumele kube seqhulwini kwinkosi ukuqinisekisa ukuthi isizwe sikayise siba nobumbano, ukuthula, uthando kanye nokusebenzisana kunoma yini eyenziwayo.