INKOMBANKOMBANE ngokuhlolwa kwezintombi okuyisiko elikhuthaza ukuziphatha ezinganeni ezisakhula futhi eziyizimbali zesizwe
Image: SIGCINIWE
SEKUQUBUKE omkhulu umsindo nokukhombana ngeminwe kwabezinhlangano ezingenzinzuzo ezibhekele ukuzigcina kwezintombi emphakathini iNomkhubulwane kaSolwazi Nomagugu Ngobese nebizwa ngokuthi Ubumbano Lwezintombi lukaNkk Ivy Ntanzi, kubangwa ukwenza umcimbi waminyaka yonke wokuhlola nokuyala izintombi.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto uSolwazi Ngobese uthe isisusa somsindo sidalwe wukuthi iqeqebana labantu besifazane abebambisene nalo kulo mbono wakhe waminyaka yonke womcimbi wezinsuku ezintathu, bamhlamuka bephuma enhlanganweni yakhe ngaphandle kwesizathu esiqondile, okuthe kusenjalo base beqala umcimbi ofana ncamishi nowakhe.
OweNomkhubulwane uzoba seHopewell, eMgungundlovu ngoJuni 27 kuya ku-29, bese kuthi owoMbumbano Lwezintombi nawo uhlelelwe ukuthi ube ngezinsuku ezifanayo elokishini iMbali, khona eMphithi, into uSolwazi Ngobese athi uyibona iwukulwa naye.
Uthe yena uneminyaka engaphezu kuka-40 enza lo mcimbi ngalesi sikhathi, ngakho ngokwakhe - akumele kube khona omunye umuntu oqhamuka nombono ofana ncamashi nowakhe, athi ngoba uyakwenza - kusale sekufana konke nezinsuku zomcimbi.
“Umcimbi wami usukhule kakhulu kule minyaka ngenxa yokuzikhandla kwami kunzima, ngizama ukuthi isiko lethu lokuhlola izintombi nto nokuqinisekisa ukuthi ziziphatha kahle alishabalali, njengoba sesingagicini KwaZulu-Natal kuphela; kepha sesike sihambele nakwezinye izifundazwe koMpumalanga, eGauteng, Free State nase-Eastern Cape; kanti kulona esiwuhlelayo manje kuba khona amatshitshi angaphezu kuka-3 000. Okusiphatha kabi wukuthi isenzo salaba abanye siphazamisa izinhlelo zomcimbi wami engisebenze kanzima ukuthi ube yimpumelelo, njengoba sekuvele kunabantu abangithintayo, bengibuza ukuthi yiwona muphi okufanele ukuthi kuye izingane zabo kuwona,” kusho uSowazi Ngobese.
Uthe udaba ulubikile kwabomthetho, bagcina ngokumbhalisa isitatimende nje kuphela, kepha wangasizakala ngalutho olunye - uthe manje ukhathazekile ngokuthi kungenzeka izindimbane zezintombi ezivame ukuthutheleka kuyena zigcine zingafikanga emcimbini.
Kuthintwa uNkk Ntanzi woBumbano Lwezintombi ukuzwa ukuphawula kwabo ngalezi zinsolo, uthe kuze kufika kulesi sigaba asebekusona manje - indaba yaqala ngokuthi yena anqume ukuthi khumu ezinhlelweni zikuNomkhubulwane ngenxa yokuthi usemdala kakhulu.
“Kuthe kusenjalo, kwaba khona abanye omama abane abakhetha ukuhosha imfe ekusebenzeleni uNomkhubulwane, base bezongicela ukuthi kusungulwe enye inhlangano ezoqhubeka yenze iumsebenzi wokuqikelela ukuthi izintombi ziyazigcina futhi ziziphatha kahle, yaqala kanjalo le nhlangano yethu njengoba sekufika kulo msindo okhona manje.
“Okwezinsuku zomcimbi kuziqondanele nje ngoba nathi sazi ukuthi kulesi sikhathi kusuke sekuvalwe izikole, izingane zizokwazi ukuza lapho esizibizela khona - hhayi ngoba sinenkinga nabanye abenza umcimbi onjena. Ngokwami akumele kube nomsindo ngalolu daba, nokuthi ukuba bekukhona okudida abathile, bekumele beze kithina kuqala - kuboniswane kahle, hhayi ukugijimela kwabezindaba,” kusho uNkk Ntanzi eqinisekisa ukuthi nabo abahlehli, bazoqhubeka nezinhlelo zomcimbi wabo kusuka manje kuqhubekela phambili.