UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uphumele obala waveza ukuthi akanaso isiqiniseko ngokuthi likuphi idokodo lecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Engxoxweni nesiteshi sezindaba i-eNCA ngoLwesithathu uCele uvumile ukuthi kunokudideka ngokuthi likuphi idokodo lecala lokubulawa kukaMeyiwa ngonyaka ka-2014, eVosloorus eGoli.
UCele uthe ngokolwazi lwakhe idokodo lisophikweni lwezokushushisa kuleli (National Prosecuting Authority). I-NPA nokho iyakuchitha lokho njengoba iveze ukuthi idokodo lisehhovisi likaKhomishana wamaphoyisa uGeneral Khehla Sitole.
“Ngikholelwa ngukuthi idokodo kufanele ngabe linabashushisi, kodwa kuzomele ngikuqinisekise lokho,” kusho uCele.
Noma engalazi idokodo likuziphi izandla, uCele uthe ugculisekile ngomsebenzi wabaphenyi kuleli cala.
“Sengikhulume nomndeni wakwaMeyiwa kabili...ngoba bengikholwa ngukuthi sesisondele ekudaluleni abasolwa, baboshwe...ngizoma lapho,” kusho yena.
Ungqongqoshe uphefumula ngalolu daba nje iyakhula ingcindezi emaphoyiseni akuleli ukuthi abophe abasolwa ngokubulala uMeyiwa. Kuleli sonto umndeni wakwaMeyiwa umemezele ukuthi lolu daba seluphenywa yi-AfroForum, ethembise ukwenza konke okusemandleni ukubamba abasolwa. Lokhu ukwenze ngemuva kokubiza isithangami nabezindaba lapho okhale khona ngokushintshwa kwabaphenyi kuleli cala kanye nokungaboshwa kwabasolwa ekubeni ungqongqoshe wayethembisile ekuqaleni konyaka ukuthi abasolwa bazoboshwa ngaphambi kwePhasika noma ngaphambi kukaKhisimusi nonyaka.
Ngesikhathi ekhuluma engqungquthela yenyunyana yamaphoyisa nojele iPopcru izolo eNkosi Albert Luthuli ICC uCele uthe ithimba lamaphoysia lisebenza ngokubambisana nomndeni kaMeyiwa futhi bazothola umkhombandlela kumshushisi ngokumele bakwenze bebheke phambili.
UCele uthe ngesonto eledlule yena nozakwabo eMnyangweni wezobuLungiswa uMnuz Ronald Lamola nobuholi obuphezulu emaphoyiseni bahlanganile badingida lolu daba.