INKOLO inomthelela ekubhebhethekiseni izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane, ebacindezela ukuthi bahlale emthandazweni.
Lokhu kuvele embikweni wocwaningo okhishwe ngabakwaSatistics South Africa (SA) kuleli sonto, oveze ukuthi zikhula ngamandla izibalo zabesifazane abahlukunyezwayo. Izibalo zabakwaStatistics SA ziveza ukuthi ukubulawa kwabesifazane kwenyuke ngo-117% kusukela ngo-2015 kuya ku-2017. Kuvele nokuthi izigameko zokuhlukunyezwa ngokocansi zinyuke kusukela ku-31 665 ngo-2015 zafinyelela ku-70 813 ngo-2017. Kuthiwa lezi zibalo zakuleli ziphezulu ukwedlula wonke amazwe. Umbiko uveze ukuthi inkolo ekhuthaza ukuthi abesifazane abathobele amadoda, inomthelela ekutheni bahlale ebudlelwaneni noma nokuhlukunyezwa.
UNksz Lisa Vetten, ongungoti kwezobulili, uthe abesifazane babekezelela ukuhlukunyezwa ngoba bekholwa ukuthi bazosizwa umthandazo uma kunezinkinga.
“Uyingozi umkhuba wokuthi abantu uma benezinkinga ebudlelwaneni batshelwe ukuthi mabayothandaza. Baze bakhuthazwe ukuthi uma kungalungi baqinise kakhulu emthandazweni kunakuqala,” kusho uNkk Vetten.
Ocwaningweni olwenziwe nguNkk Vetten, kuvele nokuthi izibalo zamaphoyisa zikhomba ukuthi amacala okudlwengulwa kwabesifazane aphezulu eMlaza naseNanda. Kuthiwa abaningi badlwengulwa yizihlobo nabasondelene nabo. UNkk Vetten uthe ukwenyuka kwezibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane kwenza akungabaze ukuthi imikhankaso ezinkundleni zokuxhumana iyasiza.
UMbhishobhi wamaSheshi osethathe umhlalaphansi, uRubin Phillip, uthe ngokweBhayibheli akukho lapho kukhuthazwa khona ukuhlukunyezwa. Uthe yizimfundiso zikaPawuli eBhayibhelini ezikhuthaza ukuthi amakhosikazi athobele amadoda, okungenzeka ukuthi abanye lokho bakuthatha njengokuthi bacindezelwa ukuthi bavumele ukuhlukunyezwa.
“Imiqondo yabesifazane kumele ishintshe. Akumele noma yimuphi owesifazane abekezelele ukuhlukunyezwa,” kusho yena.
UMfundisi Dibanisa Khumalo weWorld Shakers ophinde abe ngumeluleki wabashadile, uthe ibandla kumele libe phambili ekulweni nokuhlukunyezwa. Uvumile ukuthi bayabathandazela abanezinkinga emshadweni kodwa bayabakhuthaza ukuthi baye emaphoyiseni uma behlukunyezwa.
“Ukuhlukumeza kuyicala, yingakho singabe sisangena kakhulu ngoba kumele kuxazulule umthetho. Inkinga esibhekene nayo ukuthi abantu bafika sebejahe ukushada bengasafuni nokwelulekwa. Ukwelulekwa ngaphambi komshado kungasiza ekutheni asheshe abonakale onenkinga yokuhlukumeza. Kumele kwande izinkonzo zokufundisa abesilisa,” kusho yena.
U-Archbishop William Slattery, okhulumela amaKhatholika, uthe umthandazo awukwazi ukuxazulula konke. Uthe abaningi bagxila ezimfundisweni zikaPawuli ezithi akuthobe amakhosikazi ekubeni ziyafundisa nangamadoda.