UMKHANDLU wamabandla iSouth African Council of Churches (SACC) ukhulekele ukuthi kuphele inkohlakalo ethinta iCovid-19 ngokuba nehora ukhuleka ngaphambi kwamahhovisi ondunakulu bazo zonke izifundazwe, izolo.
UMbhishobhi uMalusi Mpumulwane ongunobhala weSACC nobehola amalungu omkhandlu abeme ngaphandle kwe-Union Buildings, ePitoli, uthe bakhethe ukuma ngaphambi kwesithombe sowayengumengameli uMnuz Nelson Mandela ukuze benze isiqiniseko sokuthi akekho ozosebenzisa okwasetshenzelwa yilo mholi ukuze enze inkohlakalo.
“UMandela wachitha iminyaka engu-67 yempilo yakhe esebenzela isizwe, ingxenye yomholo wakhe wayeyisebenzisela ukuthi izingane zithole ikusasa eyifaka esikhwameni esisiza izingane asisungula. Akumele kube nomunye umuntu ozokwenza sengathi wenza okuwumbono wakhe kanti ufuna ukuzicebisa yena. Iminyango kahulumeni kumele yenze isiqiniseko sokuthi inkohlakalo iyaqedwa. Abatholakale ukuthi bayabandakanyeka kule nkohlakalo baboshwe, konke abakuthenge ngemali yokwebiwa kubuyiswe,” kusho yena.
Uthe umkhuleko uwodwa kawenele yingakho bethi kumele bonke abathole amathenda okuthenga izinsiza zokuzivikela baziwe kanjalo nabantshontshe imali okwakuhlelwe ukuthi itakule abampofu osizini badalulwe, umphakathi wazi ukuthi bangobani. Abenze okungalungile baboshwe badalulelwe umphakathi ukuze bangabi nendawo yokucasha emphakathini. "Uhulumeni uboleke imali eningi ukuze asindise imiphefumulo kodwa isetshenziswe ngabathize ukuze bazicebise. Ngabantu abanjani ababeka engcupheni impilo yabanye abantu ngokuthenga izinto ezingekho ezingeni. Bayazi ukuthi ngesenzo sabo kungenzeka umuntu obekumele aphephiswe yizinsiza athole igciwane okungenzeka limbulale kodwa bayaqhubeka,” kusho yena.
UCardinal Wilfrid Napier okhulumele amalungu abengaphandle kwehhovisi likaNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle zikalala, uthe inkohlalalo kayibona ubuntu ikhombisa ukuthi abantu abakwazi ukuzinqabela futhi baqhelelene nokulunga okufunwa nguNkulunkulu.
“Kumele sifunde ukuzinqabela ngisho noma engekho umuntu ogadile, sizihloniphe. Ukuthengwa kwezimpahla zokuzivikela ezingekho ezingeni kusho ukubeka engcupheni abasebenzi bezempilo ababhekene ngqo naleli gciwane. Siyakweseka okwenziwe uNdunakulu uZikalala odalule amagama ezinkampani ezihlomule kumathenda eCovid-19,” kusho yena.