INHLANGANO elwa nenkohlakalo emhlabeni jikelele, iTransparency International, ithi inuka phu inkohlakalo eNingizimu Afrika ekleliswe endaweni ka-71 emazweni awu-180 emhlabeni.
Ucwaningo lweTransparency International olukhishwe izolo luveza ukuthi izinga lenkohlakelo eNew Zealand liphansi lilandelwe yiDenmark, Finland neNorway.
Amazwe ase-Afrika yiwona anenkohlakalo edlulele. ISomalia ivale ucwaningo ku-180 kwathi ku-179 kwaba yiSouth Sudan okutholwe ukuthi inkohlakalo yimbi kakhulu kuyo.
INingizimu Afrika ibambene ku-71 neBulgaria nesiqhingi iVanuatu.
Akukubi kakhulu e-Afrika njengoba iBotswana, Seychelles, Cabo Verde (Cape Verde), Rwanda neNamibia kuthiwa ngamazwe anomnotho okhula kahle futhi nenkohlakalo ayiyimbi.
Amanye amazwe okutholakale ukuthi inkohlakalo ayikho yimbi kakhulu yi-Italy, iGreece neHungary.
Isishoshovu samalungelo esilwela amalungelo abantu esibuye sibe kwi-Amnesty International, uDkt Kumi Naidoo, sithe akumangazi ukubona iNingizimu Afrika isendaweni ka71 kumazwe akhohlakele emhlabeni.
“Inkohlakalo idla lubi futhi umuzi woMnuz Jacob Zuma oseNkandla uyisikhumbuzo senkohlakalo. Imali eyasetshenziswa wakhiwa ngabe yafaka ugesi emakhaya futhi yakhe nezindlu ezincane ezishaywayo. Yimbi inkohlakalo ezweni lethu futhi sonke kufanele senze okuthile ukulungisa isimo,” kusho uNaidoo.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe inkohlakalo iqale ukudla lubi eminyakeni ewu-10 edlule ngesikhathi kubusa uZuma.
“Kufanele kukhucululwe inkohlakalo ngoba awusimangazi umbiko weTransparency International wokuthi iNingizimu Afrika ikhohlakele. Sibona oKlebe sebeqalile ukunyakaza ngoba bazama ukubuyisa ithemba kubantu,” kusho uDumisa.
Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe akumangazi ukuthi iNingizimu Afrika isesimeni esixakile ngoba vele idla lubi inkohlakalo kuyo.
Uthe ubuholi obukhona kufanele busebenze kanzima ukulwa nenkohlakalo ngoba nabantu abasezikhundleni bayayenza kuhlanganisa iMenenja kamasipala ebanjwe yeba ijojo tank.
Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Protas Madlala, uthe okushiwo yi-Transparency International kuyiqiniso ngoba inkohlakalo inkulu eNingizimu Afrika.
Wenze isibonelo sokuthi uma ufuna umsebenzi komasipala kufanele ugwaze noma wazi abantu abathile.
Uthe inkohlakalo ibidla lubi kakhulu ngesikhathi sobuholi bukaZuma.