KULAHLEKE imali ecela ku-R9 million enkohlakalweni eyenzeka emnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natal emacaleni angu-32 asephothuliwe.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz Themba Mthembu ethula isabelo sikaR2.2 billion salo mnyango esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, eMgungundlovu izolo.
UMthembu uthe inkohlakalo idla lubi kulo mnyango waze wayifanise nesiguli othi uma usihlinza ufuna ukwelapha isicubu esithile uthole ukuthi zonke izicubu zifile.
“Siphothule amacala angu-32 athinta inkohlakalo ka-R8.952 million sadlulisa lawa macala emaphoyiseni ukuze aphenywe. Amacala angu-42 asaphenywa, silwa nenkohlakalo ngoba asifuni ibe yisiko lo mnyango,” kusho uMthembu.
Uthe inkinga inkulu kakhulu emnyangweni ngendaba yenkohlakalo wathi kudingeka abantu abasha.
Inkohlakalo okukhulunywa ngayo ukuqashwa kwabantu ngendlela engekho emthethweni, izigameko zokukhwabanisa.
Kulo nyaka umnyango uzogxila ekudobeni, iguqule imithetho ukuze abantu bakwazi ukudoba.
“Edamini iSibaya eMkhanyakude, abantu balambile kodwa kugcwele ofishi, abakwazi ukudoba ngenxa yemithetho yobandlululo ebanqinda ukuthi badobe. Ngezinye zezinto esizogxila kuzona.”
Uthe bane abantu ababikwe ukuthi babulawe amarabi wathi basebenzisana nemiphakathi ukugoma izinja.
Uqhube wathi kunomkhankaso abazowuthula wokulwa namarabi ngokuthula isikhungo sezilwane emalokishini.
Ukhulume nangokwebiwa kwemfuyo wathi basebenzisana nomnyango wezokuPhepha komphakathi ukunqanda izehlakalo zokwebiwa kwemfuyo.
“Ukubulawa kwabasebenza emapulazini nabalimi kuseyinkinga. Azibikwa kangako izehlakalo zokubulawa kwabasebenzi uma uqhathanisa nabalimi. Kudingeka sigxile ekutheni kunqandwe lezi zehlakalo eziwubulwane zokubulawa kwabantu emapulazini.”
Uthe ngonyaka odlule wezimali bekubekwe u-R50 million wokuvuselela umhlaba wathi kwakheke amathuba emisebenzi engu-1061.
Kulo nyaka uthe uhlelo lokuthuthukisa umhlaba lwabelwe u-R12 million.
UMthembu uthe isifo i-listeriosis ayizange ithinte ngqo umkhakha wezolimo wathi ukugunyazwa kwe-lab yomnyango kuzosiza ekutheni kubhekwane nezifo ezifana nalesi.
Utshele amalungu esiShayamthetho ukuthi bayaluphothula udaba lwenhloko yomnyango eyasula, bamatasa bazoqasha inhloko yomnyango entsha njengoba kusabambe uMnuz Sibusiso Myeza.