UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ufuna kube nengqungquthela ehlanganisa amaphoyisa neminye iminyango ukubhekana nenkinga yezokuphepha ezikoleni.
UNkk Motshekga uthe uzohlangana noNgqongqoshe wamaphoyisa ezinsukwini eziyishumi ezizayo ukuze babhunge ngenkinga.
“Sikhathazekile ngezehlakalo ezenzeka ezikoleni zethu. Kuyadingeka ukuthi sisebenzisane nezinhlaka zezokuphepha ukuze kunqandwe lesi simo. Kumanje iziteshi zamaphoyisa ezibalelwa ku-18 000 zisebenzisana nezikole ukuze kuliwe nezehlakalo ezenzeka kuzo,” kusho uNkk Motshekga.
Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ePitoli izolo ngemuva komhlangano wesigungu songqongqoshe bezemfundo.
Ubephawula ngezehlakalo ezisanda kwenzeka okubalwa kuzo esomfundi ogwaze uthisha wafa ekilasini ngeledlule.
Uthe uzophinde ahlangane nozakwabo wezenhlalakahle yomphakathi ukuze kuxoxwe eyokuthi kuhanjiswe ngokushesha osonhlalakahle ezikoleni uma kunenkinga.
“Ezinye zezinkinga ezenhlalo nje, yingakho sifuna ingqungquthela ezohlanganisa wonke umuntu. UMqondisi jikelele womnyango uphakamise ukuthi kucelwe iKhabhinethi ukuthi iqinise ezenhlalakahle ezikoleni ukuze osonhlalakahle bahlale belindele noma yini.”
Uthe inkinga enkulu wukuthi abafundi bayingozi.
“Kuyenzeka kodwa akujwayele ukuthi izikole zihlaselwe ngabantu bangaphandle. Abafundi abayingozi, yibona abayinkinga. Akuyona indaba yokungabiywa kwezikole kodwa inkinga ngabafundi. Imiphakathi iyazihlonipha izikole. Izigebengu uma zifika ezikoleni zizogqekeza zifika ngemuva kwesikole hhayi kusafundwa,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe imiphakathi kumele iqhubeke yeseke izikole.
Othisha sebeyasaba ngemuva kwesehlakalo somfundi odonse isibhamu wakhomba uthisha kufundwa eGauteng.
Basaba ukuthi noma yinini abafundi bangabenzakalisa. Inhlangano yabafundi iCosas inxuse abafundi ukuthi babike othisha ababaphethe kabi bangabagwazi noma babashaye.