IZINKULUNGWANE zabaculi nabaqambi bezingoma KwaZulu-Natal zingase zingakhokhelwa imali yazo yokudlalwa eziteshini zakwaSABC njengoba ibhekene nezinkinga zemali.
Ephendula ilungu leDA, uMnuz George Michalakis ePhalamende ngoLwesibili, uNgqongqoshe wezokuXhumana, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, uveze ukuthi iSABC ikweleta amaciko imali ecishe ifike kuR250 million.
UMichalakis ufanise lokhu nehlazo.
“Ngihlela ukukhuluma neSABC ukuze sazi ukuthi ihlela ukuwakhokhela kanjani amaciko adinga ukuyithola imali yawo ngenxa yomsebenzi onzima awenzile,” kusho yena.
I-SABC ikweleta inkampani yamaCiko, iSouthern African Music Rights Organisation (Samro) okukhona kuyo abasunguli bezingoma baKwaZulu-Natal abangu-100, imali ecishe ibe nguR126 million.
UNkanteko Maluleke ongummeli wakwaSamro, uthe: “Kukhona ezinye izindlela iSamro engenisa ngazo imali kodwa yiSABC efaka imali eningi emiholweni yabantu. Sesibatshelile abasebenzi ukuthi bazothola imali encane kunejwayelekile kule nyanga.”
Uthe bayazi ukuthi iSABC ibhekene nezinkinga zemali kodwa basazimisele ukusebenza nabo babasize baphindele esimeni ababekusona ukuze bakhokhele abaqambi bezingoma.
UNeo Momodu, okhulumela iSABC, uthe sebekusho kaningi ukuthi asisihle isimo sabo semali.
Kodwa uveze ukuthi izinhlelo zokukhokhela abantu abasebenza nabo ziyenziwa futhi bayakhuluma nabo.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe uphinde waqinisekisa abasebenzi bakwaSABC ukuthi nakanjani bazohola uma kuphela inyanga emuva kokuthi izikhulu zeSABC zitshele amalungu ePhalamende ukuthi ayikho imali yokukhokhela izikweletu uma kuphela inyanga.
“UMnyango wezeziMali uzonikeza iSABC usizo lwezimali lwesikhashana ukuze ikhokhe izikweletu zayo. Lokhu kusho ukuthi nakanjani abasebenzi bazohola uma kuphela inyanga,” kusho uNkk Ndabeni-Abrahams.
NgoLwesibili uMnuz Madoda Mxakwe, oyisikhulu esiphezulu eSABC, uthe abanaso isiqiniseko sokuthi bazokwazi ukuholela abasebenzi ngoba banoR201 million
kwi-akhawunti yabo.
“Sikweleta uR943 million ngakho kuzoba nzima ukuqhuba umsebenzi wethu waminyaka yonke. Asinayo imali yokukhokhela osonkontileka abasebenzisana nathi,” kusho uMxakwe.
Uthe izinhlelo zabo zokunciphisa izindleko zonge uR785 million kusukela zaqalwa.
“Uma singalutholi usizo iSABC izobalwa nezinkampani ezisengcupheni yokuwa yingakho sizocela usizo eMnyangweni wezokuXhumana,” kusho uMxakwe.
UNkk Yolande van Biljon, oyisikhulu sezimali eSABC, uthe abakaze babe nemali eyanele kusukela kuqale unyaka futhi siyehla nesibalo sabantu ababukela izinhlelo zabo, lokhu kusho ukuthi nemali engenayo izoqhubeka yehle kulo nyaka.
Uthe banezindleko eziningi abale kuzo ezosonkontileka abehlukene nezokusakazela umphakathi.