ITHWELE kanzima intombazane (12) yaseThengani, eManguzi, ezalwe ingakwazi ukuzibamba uma idinga ukuzikhulula.
Le ntombazane efunda uGrade 7 kwesinye sezikole zabafundi abangakhubazekile eManguzi kuthiwa selokhu yazalwa ayiziyeli endlini encane uma idinga ukuzikhulula nokwenza impilo yayo ibe nzima.
Unina wayo omncane, uthe ingane kadadewabo izalwe inesifo esaziwa nge-urinary ne-fecal incontinence nokwenza ingakwazi ukubamba umchamo nendle. Kusukela isencane kuze kube yimanje igqoka inabukeni ngoba ayizwa uma isizikhulula.
Uthe okubakhathazayo wukuthi isihlekwa ngezinye izingane ngenxa yale nkinga enayo.
Uthe le nto isiyimbangela yokuthi ingakhululeki noma kufanele iye esikoleni ngoba ezinye izingane ziye ziyibuke kabi ngenxa yephunga uma isizikhululile ingezwanga noma ingakalishintshi inabukeni.
Uthe bebelokhu bezitshela ukuthi isimo sayo sizobuye silungiseke kodwa kuze kube yimanje asilungi.
“Okusikhathazayo wukuthi le nto isiyamhlukumeza naye ngoba useyazenyeza. Kuthi noma exoxa akhulume ngokuthi izingane zibuye zimhleke ngoba zithi uyanuka. Ngonyaka ozayo kufanele ayofunda uGrade 8 kwesinye isikole esingazi ukuthi kusona uzophatheka kanjani,” kuchaza unina omncane.
Uthe bake bamfaka esikoleni sezingane ezikhubazekile wafunda khona kodwa ngokuhamba kwesikhathi waba nenkinga ngoba izingane bezimhleka zibuye zimlandele uma eseyoshintsha inabukeni ngoba zifuna ukumhleka.
Uthe le ngane igqigqe ezibhedlela kusukela isencane kodwa akukho mehluko okhona kuyona.
Uthe bayaye bathole amanabukeni emtholampilo kodwa nawo awaneli ngoba bathola angu-28 ngenyanga nokwenza agcine ewasebenzisa kakhulu uma esesikoleni.
Ngokusho kwakhe bathole ukuthi ukuze kulungiswe isimo sayo kungadingeka ukuthi ihlinzwe kodwa lokhu kungenziwa ezibhedlela ezizimele.
Uthe bayafisa ukuthola noma yiluphi usizo mayelana nale nkinga.
UDkt Bongani Nxumalo, ongudokotela owelapha izifo zonke, uthe kuvamile ukuthi abantu baphathwe yisifo esiphethe le ngane.
Uthe lesi simo siyakwazi ukulungiseka ngemishanguzo kokunye ngokuhlinzwa.
UDkt Nxumalo uthe lokhu kuyenzeka nakubantu abasuke behlaselwe yisifo sohlangothi bangabe besakwazi ukuba nomuzwa obatshelayo uma sebedinga ukuzikhulula.