KULOKOZA inhlansi yethemba kubantu osekuphele iminyaka belindele ukukhokhelwa yiRoad Accident Fund (Raf), emuva kokuthi iNkantolo eNkulu ePitoli iyalele inhlangano ukuthi ikhokhele zonke izicelo eziphasisiwe.
Inkantolo inikeze iRaf izinyanga ezinhlanu zokuthi izikhokhele zonke izicelo zezinxephezelo osekuphele izinsuku eziwu-180 ziphasisiwe. Ithe kusukela manje izicelo eziphasile kufanele zikhokhwe kungakapheli izinsuku eziwu-30. Akucaci ukuthi iRaf izokwazi yini ukuzikhokhela zonke izicelo kwazise umbiko wayo wezimali uveze ukuthi ishodelwa wuR322 billion.
UMnuz Sipho Nala owaba sengozini enyantisayo yomgwaqo ngo-Ephreli 18 ka-2014, uthe lezi zindaba zibuyisa ithemba kubantu abanjengaye osekuphele iminyaka belinde imali yeRaf.
UNala walimala kanzima engozini yetekisi eyenzeka eMuden ngo-2014. Itekisi ayegibele kulona esuka eGoli elibhekise ekhaya eMamba, eShowe lashayisana nemoto encane lagcina liphoseka emfuleni. Kumanje ukhubazekile, isandla sakhe asisebenzi waphuka naseqolo okusho ukuthi akakwazi ukuhamba kahle.
“Selokhu ngafaka isicelo emuva kwengozi ngo-2014 namanje ngisalindile ukuthi iRaf ingikhokhele. Ummeli wami uhlale ebuza kwaRaf ukuthi kwenzekani kodwa angazitholi izimpendulo ezigculisayo. Siyathemba ukuthi njengoba inkantolo ikhiphe lesi sinqumo sizokwazi ukuthola izimali zethu,” kusho uNala.
Uveze ukuthi akakwazi ukusebenza njengoba isandla ayesebenza ngaso sikhubazekile. Ngaphambi kokulimala wayesebenza njengo-grinder kwenye ifemu yensimbi eGoli. Uthe inzima impilo emndenini wakhe njengoba engakwazi ukondla unkosikazi wakhe nezingane eziyisishiyagalombili.
Imizamo yokuthola iRaf ukuba iphawule ayiphumelelanga kanti nemibuzo ethunyelwe yiSolezwe nge-email, ayiphendulwanga.