KUNGAKAPHOLI maseko kuphume isinqumo sokuthi imithetho kathaqa yesigaba sesithathu neyesine ayihambisani nosomqulu wamalungelo abantu, enye futhi inkantolo enkulu iNorth Gauteng, seyikhiphe esinye futhi isinqumo ngomthetho iNational Disaster Act.
Ithe isigaba esiphoqa ukuthi abantu abahaqwe yiCovid-19 kumele bagonqe ezikhungweni zezempilo zikahulumeni, kumele kubuyekezwe ngoba akukho emthethweni.
Lokhu kulandela ukuthi i-AfriForum, icele inkantolo ukuthi ingenelele kulokhu, ifuna kuvunyelwe abanalo mkhuhlane ukuthi bakwazi ukugonqa emakhaya.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini- Zuma akazange ayiphikise le nhlangano nesicelo naso ubengasiphikisi.
UNgqongqoshe ne-AfriForum banikeze uJaji JW Louw ngoMeyi usomqulu wenkantolo ngokuvunyelenwe ngakho ngalesi sigaba ukuze sibuyekezwe, okuthe namhlanje leli Jaji lamemezela ngokusemthethweni ukuthi impela kuzomele sishintshwe.
Ngokwalo mthetho, kunesigaba esiku-6 no 7 esashicilelwa ngoEphreli 29 esithi umuntu osekuqinisekisiwe ukuthi uneCovid-19 noma osolwayo, kumele ayogonqiswa esikhungweni sezempilo sikahulumeni. Kungenjalo umuntu usuke esephule umthetho ngaphansi kwalezi zigaba.
UJaji Louw uthe abantu bangazigonqela emakhaya uma benayo indlu abangakwazi ukwenzela kuyo lokhu, eqhelile kwezabantu abahlala naye.
“Lowo muntu kumele akwazi ukubuyela esikhungweni sezempilo uma isimo sakhe singakhombisi bungcono," kusho uJaji Louw.
Kuphuma lesi sinqumo nje inkantolo enkulu yaseGauteng ngoLwesibii inqume ukuthi imithetho yokuvalwa kwezwe esigabeni sesithathu nesesine, ayihambisani nosomqulu wamalungelo abantu. Iyalele uDkt Nkosazane Dlamini-Zuma ukuthi ayibuyekeze.
Yize kunalesi sinqumo kodwa le nkantolo ithe imnikeza izinsuku eziwu-14 zokuthi umthetho wesigaba sesithathu wona ube uqhubeka usebenza.
UHulumeni bekusalindeleke ukuthi akhiphe isitatimende ngalesi sinqumo senkantolo.