INKANTOLO yoMthethosisekelo isichithile isicelo esiphuthumayo sowayengumholi weDemocratic Alliance, uMnuz Mmusi Maimane sokuthi kuhlehliswe ngezinyanga ezintathu ukuvulwa kwezikole kuleli.
UMaimane osengumholi weOne South Africa Movement ufake isicelo kule nkantolo kuleli sonto kulandela ukuthi kumenyezelwe ukuvulwa kwezikole ngezikhawu, okuzoqala ngoMsombuluko ngokuthi kubuyele abafundi bakaGrade 12 nabakaGrade 7.
Ubethi ufuna izikole zize zivulwe uma sekukhona isiqiniseko sokuthi zonke izikole zakuleli seziphephile, yonke into ethinta ukuphapha isiqinisekisiwe kuzo zonke izikole kungakhathaleki ukuthi yisedolobheni noma kusemakhaya.
"Lokhu akukho mayelana nokuthi izikole sezikulungele yini ukuthi zingavulwa njengoba kunecoronavirus, kodwa kumayelana nelungelo layo yonke ingane yakuleli lokuthi kumele ifunde futhi iphephe,"kwasho uMaimane ngesikhathi ememezela lesi sinqumo sokuya enkantolo.
Le nkantolo namhlanje ikhiphe isinqumo sokuthi lesi sicelo sokaMaimane asiphuthumi ngakho ke ngeke isihlalele phansi isilalele. Ithe futhi ayikho into ethinta ubulungiswa kubantu, ngakho iyasichitha.
UMnyango weMfundo eyiSisekelo ubungakatholakali ukuze uphawule ngalesi sinqumo, noMaimane ubengakaphefumuli ngaso.