BALUQALE kabi usuku izolo, labo abeseka uNobhala Jikelele we-ANC osamisiwe, uMnuz Ace Magashule, emzameni yakhe yokuchitha ukumiswa kwakhe yile nhlangano.
Abebefuna ukuba yingxenye yecala, lapho bebezoseka isicelo sikaMagashule enkantolo, bahlangabezane nembibizane njengoba inkantolo izichithile izicelo zabo.
Phakathi kwalabo abebefake izicelo kubalwa uMnuz Nkosentsha Shezi weRadical Economic Transformation, uMnuz Mutunwa Mawere namanye amagatsha e-ANC.
INkantolo eNkulu iNorth Guateng, izichithile izicelo zabo. Isikhalazo esikhulu kulaba abebefuna ukweseka uMagashule, bebekhala ngokuthi iPhini likaNobhala Jikelele le-ANC, uNkk Jessie Duarte, alinalo igunya lokusayina incwadi yokumisa uMagashule emsebenzini.
Baphinde bakhala ngokuthi kwakufanele kubizwe umhlangano okhethekile wesigungu esiphezulu se-ANC (NEC) ukubhunga ngodaba lokumiswa kukaMagashule, isinqumo singathathwa yikomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke (NWC) kule nhlangano.
Bebephinde futhi befune ukuthi le nkantolo inqume ukuthi awuhambisani noMthethosisekelo umthetho we-ANC wokuthi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
Kepha amaJaji uJody Kollapen, Sharise Weiner no-Edwin Molahlehi, abebelalele leli cala, basichithile lesi sicelo.
Sekuqulwa icala Izolo, inkantolo iqale ngokulalela izethulo zabameli bakaMagashule.
UMmeli kaMagashule, u-Advocate Dali Mpofu, uqale ngokukhwela adilike kwi-ANC, ayisole ngokuletha amaphepha ayo okuphendula sesidlulile isikhathi eyayibekelwe sona.
Ucele inkantolo ukuba ihlawulise i-ANC ngalokhu akubize ngokudelela inkantolo.
Ezethulweni zakhe uMpofu, uthe i-ANC yephula amalungelo kaMagashule ngokummisa njengonobhala jikelele wale nhlangano.
UMpofu uthe uMagashule unelungelo lokuba yingxenye ye-ANC.
Namhlanje kulindeleke ukuthi abamele i-ANC benze ezabo izethulo ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo.
Ngaphandle kwenkantolo, idlanzana labalandeni bakaMagashule belicula, likhuza neziqubulo ezeseka uMagashule.
Bafunge bagomela ukuthi uMagashule bazomeseka kuze kube sekugcineni njengoba bethe bakholelwa ukuthi ukumiswa kukaMagashule kuyitulo lezepolitiki.
UMagashule ufuna ukuba inkantolo ichithe isinqumo sokummisa njengonobhala jikelele we-ANC.
UMagashule wamiswa emsebenzini emva kokuba kuphele umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-30 ayewunikezwe yisigungu esiphezulu ukuba yena nabanye abaholi ababhekene namacala bashenxe ezikhundleni.
UMagashule ubhekene necala lenkohlakalo nelokukhwabanisa elithinta ithenda kaR230 million yokushintshwa kophahla lwezindlu ezifulelwe ngetsheboya eFree State.
Lethenda yakhishwa ngesikhathi esengundunankulu wakulesiya sifundazwe.