Izindaba

Inkani yomlomo ayingangakwenza kwabazibona beyizazi zobugebengu: Mkhwanazi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, Lieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, umema izazi zokulwa nobugebengu ukuthi zijoyine abakwasidlodlo uma beyobamba izigebengu ukuze ziveze ulwazi eziluqhulula emathelevishini uma zikhuluma nabezindaba Isithombe: Sizwe Ndingane

UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unxusa laba abathi bayizazi zezobugebengu nomthetho ukuba basondele ngaphambili basebenzisane nabo ekulweni nobugebengu.

UMkhwanazi ubekhuluma nomethuli wezinhlelo ze-Newzroom Afrika engxoxweni ekhethekile ngoLwesine ntambama. Usho kanje ephendula ukuphawula okuthi usebenza kuhle kwenkabi ejuqa abantu ingabi nazwelo.

Uthi kunzima ukuphikisana nomuntu ozibiza ngesazi entweni kodwa angakaze ayenze.

“Angikwazi ukuthi ngizibize isazi sobuntatheli ngoba angazi ukuthi ungakanani umsebenzi owenzile wena ukuhlanganisa lo msebenzi esihlangene ngawo namuhla. Olwazini enginalo lweminyaka ngisebenza njengephoyisa, angikwazi kodwa ukwahlulela amaphoyisa abesengozini ethile ngale kokuthi ngizwe ukuthi kwenzakaleni ngokulalela wona abekhona lapho.

“Mina nginganxusa bonke abathi bayizazi ezinemibono ngendlela yokwenza lo msebenzi, abasondele basijoyine bahambe nathi uma kwenziwa umsebenzi wokuthungatha nokubamba izigebengu. Sizobanika ithuba lokuthi basihole phambili ngokolwazi lwabo lokusebenza, basibonise ukuthi yikuphi okungcono abangakwenza ngendlela abazi ngayo bese bayabuya bezositshela ukuthi bakuzwe kunjani ukwenza kunokuhlala komabonakude bephawula,” kusho yena.