INKAMPANI yemikhumbi izoqeqesha intsha engaphezu kuka-5 000 yakuleli, ukuyivulela amathuba okusebenza emhlabeni jikelele.
IShosholoza Ocean Academy esungulwe yiMSC Cruises, izoqala ngoNovemba ukuthatha intsha ezoqeqeshwa izinyanga ezintathu. Lokhu kuvele izolo ngesikhathi izikhulu zale nkampani zethula izinhlelo ngokukhula kwebhizinisi layo kuleli.
Le ntsha izoqeqeshwa kulesi sikhungo esizoba yingxenye yeDurban Cruise Terminal eyakhiwa echwebeni laseThekwini.
OyiManaging Director yeMSC kuleli, uMnuz Ross Volk, uthe lolu hlelo luzodonsa iminyaka eyisihlanu. “Lena kungenye yezindlela zokusabela kwikhwelo elishaywe uMengameli uRamaphosa (Cyril) ukuthi kuvulwe amathuba omsebenzi entsheni. Sizochitha imali engaphezu kukaR5 billion ukuqasha le ntsha. Asizobaphoqa asebeqeqeshiwe ukuthi baqhubeke nokusebenza nathi emuva kwalezi zinyanga eziyisikhombisa, abanye bangathanda ukubuyela kuleli nesipiliyoni bayosebenza emahhotela,” echaza.
UVolk uchaze nangeDurban Cruise Terminal okwamenyezelwa ukwakhiwa kwayo ngo-2017. Uthe okwenza kuthathe isikhathi ukuthi iqale ukwakhiwa ukuthi bafuna ukuqinisekisa ukuthi isezingeni elifanele. Uveze ukuthi ukwakhiwa kwayo kuzovula amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-10 000, kuchithwe uR3 million ekuqeqesheni intsha. Le ndawo kulindeleke ukuthi iqede ukwakhiwa ngo-2021.
Okunye okuzojabulisa abathandi bezokuvakasha kuleli ukuthi ngoNovemba kuzokwethulwa omunye umkhumbi. I-MSC Grandiosa izoba nezindawo zokujabulisa izingane nemindeni.
UVolk uthe nezinga lezobuchwepheshe liphezulu njengoba izivakashi kulo mkhumbi zizofakwa ibhangele elenza ukuthi zazi ukuthi elinye ilungu lomndeni likuphi emkhunjini. Uthe lokhu kungezinye zezindlela zokuqinisa ezokuphepha emkhunjini. Ngaphandle kokuvula amathuba omsebenzi, iMSC isisungule nenhlangano esiza ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha nezamachweba. Uthe okukhinyabeza ezokuvakasha ngemikhumbi yabo kwabakuleli, izinkinga zokuthola amaPassport nezitifiketi ezintsha zezingane. Uthe sebenohlelo lokulwa nale nkinga, ingxenye yalo okuwukuba nemikhumbi ezozungeza izindawo ezingadingi lawa maphepha.
UMnuz Angelo Capurro oyi-Executive Director kwaMSCS, uthembise ukuthi miningi imikhumbi esazokwethulwa kuze kushaye * -2027. Uveze nokuthi isibalo sezivakashi zabo kuleli sikhule ngo-51% kusukela ngo-2015. I-MSC isinemikhumbi engu-16 ehambela amadolobha angu-155 emhlabeni, nabasebenzi abangaphezu kuka-70 000.