INATIONAL Freedom Party (NFP) isiveze ukuthi iphenya kabanzi ngengxoxo eqoshiwe ngeselula lapho kukhuluma khona umlisa ozibiza ngenkabi edabuka KwaMaphumulo ezishaya isifuba ngokuthi isibaqedile abantu embonini yamatekisi nakwezepolitiki.
Kule nkulumo ekuWhatsApp inkabi izwakala ibhadlaza igama lomunye umholi weNFP wesilisa ukuthi isebenza naye. Isolezwe ngeSonto liyizwile le ngxoxo eshaqisayo esabalele kuWhatsApp.
Okhulumela iNFP, uMnuz Sabelo Sigudu, uthe bayitholile le ngxoxo bayaphenya ngayo. "Lolu daba lusethimbeni labameli bethu. Sifuna ukuthola kahle umsuka. Ngeke siyithathe kancane le nto ngoba isimo sokubulawa kosopolitiki siyaziwa eKZN. Asazi noma abantu nje abanqonde ukungcolisa igama lenhlangano njengoba kubhekwe okhethweni."
Lo mlisa ozibiza ngenkabi ukhuluma nomunye wesilisa amtshela ukuthi ubeqashwe owesifazane ukuthi ambulale futhi usekhokhelwe ingxenye yemali yokumbulala. Inkabi iyazisho igama layo nesibongo, ithi ayesabi kwamaphoyisa yona kade kwasa inethwa zimvula kulo msebenzi.
Lo ofonelwayo kuthiwa uyisikhulu enkampanini edumile ekhiqiza ushukela. Inkabi izwakala ithi lo mlisa usesinde izikhawu. Ithi ngelinye ilanga ngesikhathi sebeyombulala baphazanyiswa ukuqhamuka kwamaphoyisa endaweni okwakufanele bamthele othulini kuyo.
"Thina sisebenzisana nabamatekisi nosopolitiki, siqashwa ngoR250 000 futhi ubuchopho bendoda asibunqeni sibubamba nangezandla. Ngineminyaka emibili ngiphumile ejele abanye esisebenza nabo bangaphakathi. Empeleni siwu-6 senza lo msebenzi wokushaya abantu,’’ kusho inkabi
Lo ofonelwayo uzwakala ehlisa umoya ezwakala ukuthi wethukile, ethi kufanele baxoxisane balungise lolu daba. Iyaqhubeka inkabi ithi lo mlisa usindiswe ukuthi uyisihlobo sayo.
"Abazali bethu bayazi ukuthi siphila ngalo msebenzi, sayalwa ukuthi singasibulali isihlobo ngoba sojikelwa nayidlozi. Sisanda kushaya amaphoyisa amabili KwaMashu futhi sisebenzisana no (egagula igama lo munye wabaholi beNFP).’’
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe lowo oshayelwe ucingo kufanele aye emaphoyiseni awalalelise leyo ngxoxo ukuze kuphenywe.