INKABI evume icala lokusoconga uMnuz Sindiso Magaqa owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uSibusiso Ncengwa, ozogwetshwa ngoMsombuluko
Image: Sithunyelwe
INKABI evume icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, izimisele ukwelekelela uMbuso ukuze kuboshwe abanye.
USibusiso Ncengwa uthe uzimisele ukwelekelela uMbuso ngakho konke ozokudinga.
Ukusho lokhu ngesikhathi ezikhalela enkantolo ukuba ashaywe ngoswazi oluncane uma esegwetshwa.
UNcengwa uveze ukuthi usabela impilo yakhe emva kokugonyuluka ngokubulala uMagaqa.
Izolo, ucelwe ukushintshelwa ejele iWestville.
Abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana bayaqhubeka nokuphika icala yize uNcengwa abaninda ngesikhathi egonyuluka ngetulo lokusoconga uMagaqa.
Icala labo lizothethwa ngo-Okthoba. Izolo iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ilalele izethulo zikaNcengwa zokuba kungani kufanele athole isigwebo esincane.
Ummeli kaNcengwa, u-Advocate Andrew Matlamela, uthe ukuvuma kukaNcengwa icala kukhombisa ukuzimisela kwakhe ukwelekelela uMbuso.
UMatlamela uthe uNcengwa wahluba udlubu ekhasini ngesikhathi evuma icala.
"Waveza ukuthi obani ababengobhongoza. Wawunikeza konke uMbuso. Uzimisele futhi ngokwelekelela."
UMatlamela uthe uNcengwa kade ayefuna ukukhipha ingonyuluka.
"Kusukela ngo-2018 ngesikhathi eboshwa, wayelokhu eshilo ukuthi ufuna ukuvuma icala."
UMatlamela ucelele uNcengwa ukuba ashaywe ngoswazi oluncane, wathi uNcengwa uvele useyidonsile iminyaka eyisishiyagalombili ejele elinde ukuqula leli cala.
"Siyazi ukuthi isigwebo esincane esinikwa abantu abalahlwa amacala okubulala kuyaye kube udilikajele. Kodwa ke siyazi ukuthi inkantolo iyakwazi ukugxegisa isigwebo uma kunezizathu ezizwakalayo. UNcengwa ubeke impilo yakhe engcupheni ngokukhuluma iqiniso."
UMatlamela uthe umndeni kaNcengwa uthembele kuye.
Kuvele ukuthi uNcengwa ubeziphilisa ngokudayisa inhloko.
Umshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka, uthe abakazi ukuthi kuzokwenzekani kwabanye abanindwa uNcengwa.
"Esikwaziyo okwamanje ukuthi uNcengwa uvume icala nokuthi uzimisele ukwelekelela uMbuso.
UGcweka uthe ukugonyuluka kukaNcengwa kubasizile njengoba eveze obhongoza ecaleni.
Uthe ngokwejwayelekile izinkabi azivamisile ukukhipha obhongoza.
Nokho uGcweka uthe lokhu akukushintshi ukuthi uNcengwa wenza icala elibucayi.
"La macala okubulawa kosopolitiki adla lubi lapha KwaZulu-Natal. Maningi kakhulu amacala okubulawa kosopolitiki asezinkantolo. Ngenxa yokudlanga kwala macala kwaze kwasungulwa ikhomishini eyayiphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal. Le zigameko zisaqhubeka namanje. IKwaZulu-Natal ibolile."
UGcweka uthe umndeni kaMagaqa usazikhotha amanxeba angapholi namanje njengoba kunguye owayewondla.
Uthe nabalimala ngesikhathi kusocongwa uMagaqa basaphila ngokusaba namanje.
Uveze ukuthi batshelwa ukuthi uNcengwa wake wakuveza ngaphambilini ukuthi ufuna ukugonyuluka kodwa wathi lokho kwaphelela emoyeni ngesikhathi uNcengwa eshintsha abameli.
"Ngesikhathi sinikezwa icala, umshushisi owayephethe icala wasitshela ukuthi ummeli kaNcengwa wayethe ufuna ukuvuma icala. Wamshintsha loyo mmeli. Emva kwalokho waqasha omunye ummeli naye owaxoshwa. Ummeli okhona njengamanje uyena ofikile wazosho ukuthi uNcengwa ufuna ukugonyuluka. Thina sasingeke sinqabe uma ethi ufuna ukugonyuluka."
IJaji uNontuthuzelo Mlaba lizokhipha isigwebo ngoMsombuluko.
Related Topics: