Izindaba

Injeje yabeNguni nomgubho kaZuma

Sabelo Nsele|Published

INHLANGANO, Injeje yabeNguni Council, ihlela ukuba nomgubho emzini waloyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma. Elmond Jiyane, DoC

INHLANGANO, Injeje yabeNguni Council, ihlela ukuba nomgubho emzini waloyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.

Lo mcimbi kuhlelwe ukuthi ube sekupheleni kwenyanga ezayo emzini kaZuma, eNkandla.

INHLANGANO, Injeje yabeNguni Council, ihlela ukuba nomgubho emzini waloyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma. Elmond Jiyane, DoC

Umgubho uzoqondaniswa nenyanga yokuzalwa kukaZuma kanye nokuphela kweminyaka eyisikhombisa kwasungulwa Injeje yabeNguni Council.

UZuma uzohlanganisa iminyaka engu-80 ngo-Ephreli 12.

Umholi weNjeje yabeNguni Council, uMnuz Phumlani Mfeka, ukuqinisekisile ukuthi ukhona umgubho ohlelelwe u-Ephreli 30 emzini kaZuma kodwa wathi imininingwane ephelele izotholakala ngeSonto.

“NgeSonto sizokhipha isitatimende ngokubambisana nenhlangano kaZuma (engenzi nzuzo), iJacob G Zuma Foundation, lapho sizokhipha khona imininingwane ephelele.”

Ngokwesikhangiso esifakwe ezinkundleni zokuxhumana, kulo mcimbi kuzobe kugujwa ukuhlangana kweminyaka eyisikhombisa Injeje yabeNguni Council yasungulwa.

Lesi sikhangiso, esinesithombe seSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, nesikaZuma, siqhuba sithi kuzogujwa nokuhlanganisa kukaZuma iminyaka engu-80 edla anhlamvana.

Lo mgubho ulandela emva kweminye imigubho ehlelwe ngabalandeli bakaZuma kusukela adedelwa ngoshwele wokugula ngonyaka owedlule.

UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.

Kusukela akhululwa ejele eliseMtshezi, miningi imicimbi esibanjelwe emzini wakhe oseNkandla, lapho abalandeli bakhe bebezombungaza.

Kulindeleke ukuthi ibe miningi eminye imigubho ezohlelwa ngabalandeli bakaZuma ngenyanga yakhe yokuzalwa.

Abahleli bale micimbi bathe yonke imicimbi izomenyezelwa ngokusemthethweni yiJacob G Zuma Foundation.

Iningi lale micimbi lihlelwa yilabo abazibiza ngeRadical Economic Transformation Forces kwi-ANC.

Lolu hlangothi aluhambisani noMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.

Iningi lemicimbi abasanda kuyihlela kugcine sekuhlaselwa uRamaphosa kuyo.

Kulindeleke ukuthi kwenzeke okufanayo nakule micimbi ezayo.

Kulindeleke ukuthi abalandeli bakaZuma baphinde basebenzise le micimbi ukukhankasela izikhundla ezingqungqutheleni ze-ANC ezizayo njengoba kulo nyaka i-ANC izokhetha ubuholi bukazwelonke, obezifundazwe nobezifunda ezahlukene.