Ukhale mi izinyembezi uSergeant Nhlanhla Mhlongo eklonyeliswa ngomacekeceke emcimbini wokuklonyeliswa kwamaphoyisa enza kahle emsebenzini.
Image: SAPS
Ukhale mi izinyembezi uSergeant Nhlanhla Patrick Mhlongo osebenzela esiteshini saseGreenwood Park, eThekwini, ethola isipho angasilindele emcimbini wokuklonyeliswa kwamaphoyisa enza kahle emsebenzini wawo.
Lo mcimbi ububanjelwe e-ICC eThekwini, ngoLwesihlanu.
Kuthiwa uSgt Mhlongo akazange abhalisele ukuba ngelinye lamaphoyisa angahle athole izindondo kulo mcimbi futhi ubengahlelile ukuba yingxenye yawo.
Umsebenzi wakhe yiwona omthathe wamubela ebalazweni. Ngomsebenzi wakhe sekuke kwakhishwa isigwebo seminyaka engu-184 ngamacala okubulala, ukugqekeza kanye namanye odlame.
Injabulo yodwa kuSgt Mhlongo eklonyeliswa ngomacekeceke
Image: SAPS
Emacalani ahamba phambili abesebenza kuwona okubalwa nelentokazi u-Ayabongwa Mjilo (24). Umufi nomsolwa babegcine ukubonwa bendawonye endaweni yokudlela eseMhlanga, iCappello, ngoDisemba 24. Kusolwa ukuthi umsolwa wabulala umufi ngokumklinya ngaphambi kokuba amgqibe esikhotheni esingemuva komuzi wakhe eMaotana, eNanda.
Okhomishana bezifunda ezingu-11 namaphini abo kanjali nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni bavumelene ngo-elethu ekunikeni uSgt Mhlongo indondo yomseshi osebenza ngokuzikhandla.
"Konke okwenzweke ngalolu suku kube yimfihlo, uSgt Mhlogo uyalelwe ukuba afike ehhovisi likakhomishana wamaphoyisa azosayina isexwayiso ngecala alenzile, naye angalazi, kanti yindlela yokumdobela emcimbini ukuze azothola umklomelo wakhe," kusho uColonel Robert Netshiunda.
Injabulo yodwa kuSgt Mhlongo eklonyeliswa ngomacekeceke
Image: SAPS