UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa uxwayisa ngokuthi iNingizimu Afrika ngeke ibe nozinzo uma umhlaba ungabuyiselwa kubanikazi bawo.
Ethula inkulumo yakhe ngesikhathi enikeza isizwe saKwaMkhwanazi KwaDlangezwa itayitela lomhlaba waso ongu-4 853 hectares, uRamaphosa uthe uma ubulungiswa bungekho alubikhona uzinzo. Kube nenjabulo uMengameli ethi umhlaba ubuyela KwaMkhwanazi kubantu abakhele le ndawo abebegcwele eBhekuzulu Hall, Ongoye.
“Namhlanje yilanga elibaluleke kakhulu lapha esizweni saKwaMkhwanazi nakubona bonke abantu baseMzansi Afrika njengoba sibuyisela umhlaba waKwaMkhwanazi,” kusho uRamaphosa.
Uthe njengoba bebuyisela umhlaba kumele bakhumbule ukuthi kufikwe kanjani kulesi sigaba.
“Kumele sivume ukuthi lo msebenzi esiwenza esizweni saKwaMkhwanazi namhlanje kumele ngabe wenziwa kudala,” kusho uRamaphosa.
Uthe uhlelo lokubuyiswa komhlaba beluhamba kancane ngenxa yezizathu ezehlukene okwenze ukuthi kube nokuvungama.
“Abanye abantu abebekhala kakhulu ngokuhamba kancane kohlelo yi-ANCYL,” kusho uRamaphosa.
Uthe bewuhulumeni manje bazolusheshisa uhlelo lokubuyiselwa komhlaba kubantu.
UMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi enikeza isizwe saKwaMkhwanazi KwaDlangezwa itayitela lomhlaba waso ongu-4 853 hectare. Isithombe: GCIS
“Lo msebenzi esiwenza namhlanje KwaDlangezwa kumele ubuyise ithemba nakwabanye abantu abasalinde ukuthi kubuyiswe umhlaba wabo,” kusho uRamaphosa.
Uthe uqale ukuzwa ngesicelo sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwanazi ngePhasika kulo nyaka ekade esenkonzweni yebandla iCovenant eliholwa uMphostoli Collins Dhlomo.
“UMphostoli uDhlomo uyena owabasa umlilo wangivalela ekhoneni wathi kunesicelo esidala sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwanazi kodwa abazi ukuthi kubambeni, wathi angisayine ukuthi umhlaba uzobuya kodwa nganqaba ngathi uhulumeni akasebenzi kanjalo ngaze ngacela ukuthi okungenani akanginike izinyanga eziyisithupha njengoba manje lolu daba sesiluxazululile,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe uhlelo lokubuyiswa komhlaba waKwaMkhwanazi lwenziwe kulandelwa umthetho.
Uthe kukhona lapho bezowuthatha khona umhlaba kodwa kube khona izinxephezelo abazikhiphayo.
URamaphosa uthe lesi isicelo sokuqala sokubuyiswa komhlaba kwabazobe bezixazulula ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
“Lo mhlaba esiwubuyisayo ngicela ukuthi niqhubeke niwusebenzise ukuze kudaleke amathuba emisebenzi kuphinde kufukulwe umnotho,” kusho uRamaphosa.
Uthe imali ezongeniswa yilo mhlaba kumele ingangeni emaphaketheni abantu abambalwa.
“Sicela ukuthi ningasiphoxi ngoba siyazi ukuthi lapho okukhona imali khona kujwayele ukuthi kube nomsindo,” kusho uRamaphosa.
Uthe umzabalazo wawungeve umayelana namavoti kuphela kodwa ubumayelana nokufukula abantu.
“Sizokhipha imifundaze lapho sizoxhasa khona intsha efuna ukuthi iyofunda ngamahlathi ukuze ibuye izosiza imiphakathi efana nalona waKwaMkhwanazi,” kusho uRamaphosa.