SIGUBHE iminyaka engu-50 sasungulwa isikole saseMlaza, i-Ogwini Comprehensive Technical High emcimbini obekumenywe kuwo ababefunda kulesi sikole.
Bekuyinjabulo yodwa kothisha nakubafundi bebona ababefunda kulesi sikole bezojabulela nabo iminyaka engu-50 emcimbini obungoLwesihlanu.
Lesi sikole kudlule kusona inqwaba yezifundiswa kusuka sisahlinzeka ngemfundo emazingeni aphansi ngo-1968.
Uthishanhloko wesikole uDkt Vusumuzi Dlamini uthe uyaziqhenya kakhulu ngosekuzuzwe yilesi sikole nokwenze bakhetha ukwenza lo mcimbi wokujabulela iminyaka engu-50.
“Ngaba nombono wokuba sibungaze le minyaka engu-50 ngokumema ababengabafundi bethu. Ngenhlanhla sinothisha abafundisa kulesi sikole ababengabafundi, bahlanganisa ikomiti lahlela lo mcimbi. Kuyasithokozisa ukubona abafundi abaphuma esandleni salesi sikole sebephumelele. Lokhu kuzokwenza nabafundi abakhona manje babone ukuthi nabo bangaphumelela,” kusho uDkt Dlamini.
Ababefunda kulesi sikole abebemenyiwe asebenza imisebenzi eyehlukene bancome amagalelo esikole ngempumelelo yabo.
UMnuz Sandile Nhlapho (45) waseMlaza owaphothula * -matric ngo-1993 manje useyi-Assistant Director eLand Reform eFree State uthe uyaziqhenya ngokuphekwa kulesi sikole.
“Bengingeke ngiphuthe kulo mcimbi ngoba lesi sikole sibe nesandla ekuphumeleleni kwami. Ngifisa nabanye abafundi baqhubeke nokuzimisele ukuze nabo befeze amaphupho abo,” kusho uNhlapho.
Uthe yize ezakhe izingane zingafundi kulesi sikole kodwa zikhona ezezihlobo zakhe ezisafunda khona njengoba bazi ukuthi sinendlela enhle yokuziphatha kwabafundi nezinga eliphezulu lokuphasa.
Kulo mcimbi bekusinwa , kuculwa, kudanswa kukhona nezikhulumi ezahlukene okubalwa ababefunda kulesi sikole, omakhelwane besikole, othisha nabafundi.
Lesi sikole sinabafundi abangu-3314 nothisha abangu-122.