Izindaba

Injabulo kwethulwa ihhovisi lamaphoyisa omgwaqo eMpendle

Zimbili Vilakazi|Published

IZIMOTO ezizosetshenziswa amaphoyisa ehhovisi laseMpendle Isithombe: SITHUNYELWE

BAKHOLWA ukuthi kuzokwenza omkhulu umehluko kwezokuphepha eMpendle ukuvulwa kwehhovisi lamaphoyisa omgwaqo nokudluliswa kwezimoto zokusebenza.

Lokhu kushiwo yiMeya yalo masipala, uMnuz Buyisani Mlaba ngoMsombuluko ngesikhathi kunomcimbi wokwethula ihhovisi nezimoto.

UMlaba uthe bese siside isikhathi lingekho leli hhovisi kulo masipala.

“Kusuka ngo-2021, ngaqala umsebenzi wokuthi kwakhiwe leli hhovisi njengoba lo msebenzi sesiwuphetha manje,“ kusho uMlaba.

Uthe bekuba nzima uma kunezinkinga ezehlukene ezidinga isandla sephoyisa lomgwaqo.

Uthe umsebenzi olandelayo owokuthi kube nesikhungo sokuhlolela amalayisensi okushayela ukuze izakhamuzi ziphumule ejokeni lokuhamba ibanga elide, ziya eMgungundlovu ziyozenza.

AMAPHOYISA omgwaqo eviliyela ngesikhathi kuvulwa ihhovisi lamaphoyisa omgwaqo eMpendle Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe okwamanje isikhungo sizoqala ukusebenza ngamaphoyisa amane, bese kuthi maduzane, kuqashwe amanye athe xaxa.

Zintathu izimoto zamaphoyisa ezinikelwe uMphathiswa wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma.

UMnuz Mawo Khumalo wemboni yezokuthutha endaweni, obekhona emcimbini, uthe bayakujabulela ukuvulwa kwaleli hhovisi nokulethwa kwamaphoyisa azosebenza kulo.

“Sizimisele ukusebenza ngokubambisa namaphoyisa futhi siyacela ukuthi ezinhlelweni zawo, angakhohlwa ukusifaka ukuze sibenzisane kahle,“ kusho uKhumalo.