Izindaba zimenyezelwe ngeWorld Rhino Day ebigujwa ngoLwesithathu.
Obhejane ababili kwabazelwe yilabo okwathathwa oninakhulu babo eHluhluwe Imfolozi Park bayiswa kwamanye amazwe nakwezinye iziqiwi ukuze kwande obhejane abamnyama.
UDkt Jacques Flamand weWorld Wildlife Fund (WWF) uthe bayajabula kakhulu ngokuzalwa kobhejane abamnyama ngoba njengamanje bawu-270 abakhona ezindaweni eziwu-13 ezibagcinile.
“Eminyakeni ewu-20 edlule Ezemvelo KZN Wildlife zisebenzisana neWWF zaqala uhlelo lokuhlenga obhejane. Sabahambisa eziqiwini zamazwe ahlukene ngoba obhejane abamnyama basengcupheni yokuphela. Siyajabula ukuthi kuzalwe abawu-13 eMalawi naseNingizimu Afrika kulo nyaka ngoba lokhu kusho ukuthi imizamo yokuhlenga lezi zilwane ithela izithelo ezinhle,” kusho uFlamand.
Uthe ngonyaka odlule bathatha obhejane abamnyama babayisa eLiwonde National Park, eMalawi, ukuze nakuleliya lizwe kube khona obhejane.
Labo bhejane bahanjiswa ngebhanoyi besuka eKing Shaka International Airport. Ababili kubo bafike bazala.
UFlamand uveze ukuthi emhlabeni jikelele bawu-5 500 obhejane abamnyama okusho ukuthi isibalo sabo sinyukile ngoba babengaphansi kuka 2 500 eminyakeni ewu-25 edlule.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe bayaqhubeka nokuvikela nokonga imvelo kwazise iHluhluwe Imfolozi Park ithathwa njengendawo okwazalelwa kuyo obhejane abamnyama.
Uthe basebenzisana nezinhlangano ezehlukene ukulwa nokubulawa kwemvelo abale kuzo iWildlife ACT - Focused Conservation eholwa nguMnuz Mark Gerrard.
Uthe uGerrard uyazi ukuthi uhulumeni akanayo imali eyanele ngakho usebenzisana nabezemvelo ukuletha ubuchwepheshe besimanje obusetshenziswa ukuvikela izilwane zasendle.
Uthe iziqiwi zisebenzisa ubuchwepheshe besimanje okubalwa i-infrared camera trap esheshe iveze labo abangena ngokungekho emthethweni eziqiwini.
NgoMashi amakhamera asheshe abona izigebengu ezintathu ezazingene ngokungekho emthethweni, kuthe uma onogada bezemvelo beyobheka okwenzekayo lezi zigebenu zabadubula.
Kwagcina kushone ezimbili esisodwa saboshwa.
Kubuye kwabiywa ngocingo olushesha lubike uma kukhona abafuna ukungena eziqiwini zezemvelo.