KUCHWAZE inkantolo yeMantshi ePinetown, kwakhuza phezulu umculo neziqubulo ngoLwesihlanu ngenkathi inkantolo ikhipha isinqumo sokuthi iyawahoxisa amacala abebhekene namaciko akulesi sifundazwe.
La maciko aboshwa ekade ebhikisha evale umgwaqo owuthelawayeka uN3, efuna ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa axegise imithetho yokuvalwa kwezwe ukuze akwazi ukuziphilisa.
Kwaze kwadingeka ukuthi kungenelele amaphoyisa ukuze izimoto zihambe ngokukhululeka, amanye alawa maciko agcina ngokuboshwa, aphuma ngebheyili.
IMantshi uNksz P Pillay akazange achithe isikhathi ukukhipha lesi sinqumo emva kokuthi lawa maciko emenyezwe ngamagama iciko ngalinye ngaphambi kokuthi azobingelela inkantolo.
Ngenxa yobuningi bawo njengoba kade engu-32, kuphoqelekile ukuthi ashaye olayini abane.
Imantshi ayisibekanga isizathu ngaphandle kokuthi ithi amacala amaciko ahoxisiwe, yathi nalawo ayekhokhe imali yebheyili ngokuboshwa kwawo, izophindiselwa kuwona amaciko.
U-DJ Sox ongumgcinimafa kwi-KZN Creative Industry Forum aphinde akhulumele lawa maciko, uthe ibivele ingekho le nto yokuthi baboshwe kuze kudingeke nokuthi bazovela enkantolo.
Uthe azikho izitatimende abebezibhaliswe amaphoyisa zokuthi kukhona abakwenzile okungukuphula umthetho.
“Lokhu kukhombisa ukunqoba kwamaciko. Kwasekuqaleni sasingenzanga lutho ngoba asibulalanga muntu,” kusho uDJ Sox.
Uthe namaphoyisa angofakazi bokuthi babengaphethe mabhomu noma amatshe okwakungaze kuthiwe bangadala ingozi.
“Umbhikisho wethu wawunokuthula,” usho njalo.
Uthe basazohlala phansi njengamaciko babone ukuthi sikhona yini isinyathelo abazosithatha ngokuboshelwa into engekho.
“Kodwa engingakusho ukuthi esasikufuna sekuqalile ukuvuleka kancane kancane. Ngicabanga ukuthi ukubhikisha kwethu kube nomthelela ekutheni uhulumeni axegise imithetho,” kusho yena.
Ummeli obemele abanye balaba baculi, uMnuz Thula Mlondo, uthe akathandi ukudalulela abezindaba ukuthi yisiphi isivumelwano abasenze nenkantolo kuze kube kuhoxiswa amacala abhekene namaciko.