BATHUKA izanya abantu abahlala kolindela baseMathinini, eRigdeview, eThekwini, njengoba bekhala ngohalakasha lwenyoka abathi luyacanasa endaweni abahlala kuyona, sebesaba nokuhamba.
Izindlu abahlala kuzona babekwa ngenhloso yokuthi balindele izindlu zomxhaso. Ithimba leSolezwe ngeSonto linikele khona kule ndawo emuva kwezikhalo zabantu bakhona. Yindawo esehlathini elinezihlahla ezizungeze izindlu.
Kuhlalwa khona nezingane ezisencane ezizidlalela zize zifike eduze kwezihlahla okuthiwa kuhlala khona uhalakasha lwenhlwathi.
Abahlala khona bathi ihlala ibonakala icanasa kuthiwa inkulu ngendlela eyesabekayo.
Omunye wabahlali bakhona uMnuz Thabiso Msezane uthe, inkinga enkulu izindlu zangasese zincane futhi ziyangcola abanye baze bafune ukuyozikhulula ehlathini lapho kuhlala khona le nyoka.
“Ihlala ivela nje, abaningi bayayibona ngenhlanhla ayikalimazi muntu kodwa siyesaba ngoba kukhona nezingane la esihleli khona. Kubuye kungangeneki ezindlini zangasese kodwa manje asisakwazi nokuya ehlathini ngoba iyagwinyana ihlwathi,’’ kuchaza uMsezane. Uthe omunye umndeni obuhlala nabo ugcine uthuthile wabaleka emuva kokuthi inyoka yangena yabavimbezela endlini baphuma ngesamagundane bashiya nezimpahla.
Uthe bafuna noma yiluphi usizo lokuba isuswe endaweni ngoba bayesaba ukuyisukela bona ingase ibenze isilo sengubo.
Enye insizwa ehlala khona uMnuz Phakamani “PK’’ Mbele, ifakaze ngokuthi izinyoka kukubo kwazo lapha ngoba kusehlathini bajwayele ukushaya izimamba nezimfezi kodwa okwenhlwathi kubahlalise lubhojozi impela.
UMnuz Nick Evans weReptiles Unlimited ebhekene nokususwa kwezinyoka eThekwini, uthe uyayazi indawo okukhulunywa ngayo kodwa ubengakaze ezwe ngenyoka yakhona.
“Kuyamangaza ukuthi kunenhlwathi lapho, ngike ngiye ngakhona. Ngicela ubanike inombolo yami bangithinte uma beyibona ngoba ngeke ngivele ngiyozingela inyoka engingazi ukuthi ikuphi. Uma beyibona ngiyofika ngibasize noma kanjani,’’ kuchaza * -Evans.