USULILE esikhundleni uMengameli waseSudan, uMnuz Omar al-Bashir owaqala ukuphatha leliya lizwe ngo-1989.
Izolo uNgqongqoshe wezokuVikela eSudan, uMnuz Award Mohamed Ahmed Ibn Auf uthe u-al Bashir uboshelwe endaweni ephephile.
“Okwamanje umbutho wezokuvikela yiwona ozophatha izwe iminyaka emibili. Uma sekuphela iminyaka emibili kuzoba nokhetho,” kusho u-Ibn Auf esitatimendeni asifunde kuthelevishini.
Uphiko lwezobunhloli eSudan lumemezele ukuthi zonke izishoshovu ebezigwetshelwe amacala epolitiki zikhululiwe.
Emuva kwalesi simemezelo abantu bafake izithombe zalezi zishoshovu zamukelwa abantu akade bebhikishela ukuthi kuphume u-al-Bashir.
Abantu baseSudan bebelokhu bebhikisha befuna aphume * -al-Bashir kanti izolo baye bajabula ngesikhathi sekumenyezelwa ukuthi wehlile esikhundleni sakhe lo mengameli obesephathe iminyaka ewu 30.
Esinye isishoshovu esikhululiwe uMnuz Mohammed Naji Elasam esikhulumela iSudanese Professionals Association (SPA). Siveze ukuthi besesivalewe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2015 amazwe omhlaba ayefuna iNingizimu Afrika ibophe * -al-Bashir ngesikhathi ehambele umhlangano we-African Union.
U-al-Bashir ubengasavumelekile nokuthi ahambele amazwe omhlaba ngenxa yokuthi ubefunelwa amacala okuhlukumeza abantu.