KUBE nenhlokomo ngesikhathi abezimo eziphuthumayo namaphoyisa behlenga usana esitamkokweni eNewlands East, eThekwini, izolo
Usana oseluqanjwe ngokuthi uSibanisethu Gabriella kuthiwa lulahlwe ngunina obesanda kubeletha njengoba kuthiwa lutholwe lusenomzanyana.
Isolezwe lithole ukuthi owesilisa obeya emsebenzini uzwe sengathi kukhala ikati kwathi uma elalelisisa wezwa ingane iqandula.
Kuthiwa uzame ukuvula isitamkoko, wabona usana obelubhajiwe. Kube sekubizwa abezimo eziphuthumayo namaphoyisa luzotakulwa.
Kucelwe imvume kumnikazi womuzi uNksz Nonhlanhla Msomi, ukuze kumbiwe umgodi kukhishwe usana.
Ukutakula kuthathe cishe amahora amathathu njengoba bekumele kumbiwe umgodi abazokwazi ukufinyelela ngawo epayipini obekubhajwe kulo usana. Kusolwa ukuthi bese luhambe namanzi amamitha alinganiselwa kwamahlanu. Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befinyelela enganeni ebingagqokile beyikhipha beyinikeza owesifazane wethimba labatakuli, uyibambe ngethawula elimhlophe eyimbathisa kwavele kwaba nenhlokomo abantu abebebukela bashaya izandla bejabulela ukuthi ikhishwe iphila.
UMnuz Robert McKenzie, okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal, uthe basebenze kanzima betakula usana.
“Sigcine siyitakulile intombazanyana sayiphuthumisa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane. Sithole ukuthi belunamahora ambalwa luzelwe njengoba umzanyana ubungakasikwa,” kusho uMcKenzie.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala.
“Ekuseni namhlanje (izolo) amaphoyisa aseThekwini, awophiko lokutakula, ehambisana nawakwamasipala, abezicishamlilo nabezimo eziphuthumayo abehlukene babizwe endaweni esekhoneni likaHerring Circle no-Barracuda eNewlands East. Obezidlulela uzwe kukhala
ingane emgodini wesitamkoko eceleni komgwaqo. Kube sekutholwa ingane yentombazane isaphila. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini saseNewlands East. Uphenyo luyaqhubeka,” kusho uCol. Mbele.
KUBE nenhlokomo abantu bejabulela ukukhishwa kosana obelubhajwe esitamkokweni eNewlands East, izolo
Unina wengane akaziwa. Kusolwa ukuthi uyilahle ngeSonto noma entathakusa ngoMsombuluko.
Abe-IFP bathumele isitatimende kwabezindaba begxeka ukulahlwa kwezingane ezizelwe. Bathe onina bazo kumele basebenzise izinhlaka ezifanele uma bengazifuni izingane noma uma bebona ukuthi bazohlulwa wukuzinakekela.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, izolo uvakashele isibhedlela okugcinwe kuso usana.