UHULUMENI uthi usesondele ekutholeni isivumelwano esizoxazulula inkinga yokungakhonjiswa kwemidlalo yePremier Soccer League kuSABC.
UNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, uNathi Mthethwa, uthe umnyango wakhe uzomemezela isisombululo salolu daba ngoLwesine kuleli sonto.
Selokhe iqalile imidlalo ye-Absa Premiership neGladAfrica Championship (NFD) bayizwa ngendaba ababukeli abathembele kwiSABC, ebuka elikanobhutshuzwayo. Ngaphezu kwale midlalo ababukeli baphuthwe umzuliswano wokuqala weMTN8 obungempelasonto edlule. ISABC ayisayikhombisi nemidlalo ye-English Premier League ebidlala kuSABC 3. Imisakazo yeSABC nayo ayivumelekile ukusakaza imidlalo yePSL.
UMthethwa noNgqongqoshe wezokuXhumana nobuChwepheshe kuleli, uStella Ndabeni-Abrahams, ngoLwesibili bahlangane nosihlalo wePSL u-Irvin Khoza ukudingida lolu daba. Abanye abebekhona kulo mhlangano uSihlalo weMultichoice (okuyiyo equkethe ilayisensi eyigunyaza ukukhombisa imidlalo yePSL) u-Imtiaze Patel nesikhulu esiphezulu uCalvo Mawela.
“Ukuhlangana kwethu bekuhlangene nokuthola umhlahlandlela ngesisombululo esizohlala isikhathi eside ngenkinga ekhona enqinda ukukhonjiswa kwemidlalo yePSL kuSABC,” kusho uMnyango wezeMidlalo esitatimendeni.
Labo ngqongqosshe baqale ukuhlangana nePSL neMultichoice emasontweni amabili edlule kanti kuleli sonto agcine esitholile isisombululo.
“Ngijabule ukuthi zombili izinhlaka zikwazile ukuqonda isimo, noma nabo benezizathu ezibambekayo ngokwenzekayo. Nokho ngeke kuthathwe kancane ukuthi asibaphathanga kahle neze abakuleli lesi simo,” kusho uMthethwa.
Kuleli sonto abaxhasi bePSL bazwakalise ukukhathazeka ngokungakhonjiswa kwemidlalo yePSL kuSABC kwazise lokhu kuchaza ukuthi kunezigidi zababukeli abaxhasi abangakwazi ukuzikhangisa kubo. Abaxhasi okubalwa kubo iMTN (MTN8) Absa, neTelkom bathe bayathemba kuzotholwa isisombululo maduze kulolu daba.