NGEKE ibuye imali engaphezu kukaR18 million (R18 361 521.88) ebifakwe abantu enkampanini ebizwa nge-Up Money (Pty) Ltd, okuvele ukuthi iyibhanoyi.
Lezi zindaba zidalulwe ngu-Adv Joseph Selolo onguNobhala weNational Consumer Commission (NCC).
USelolo uthe kunomehluko phakathi komuntu ogilekile wangena ebhanoyini ngoba eluthekile kodwa iningi labantu abangene kwi-Up Money bebazi ukuthi bafaka uR180 bese kuthiwa bazothola igilosa nemali ngombandela wokuthi bameme abanye abantu ukuthi bangene kuleli bhanoyi.
U-Adv Ouma Rabaji-Rasethaba, oyiPhini loMqondisi wezokuShushisa kwiNational Prosecutions Authority (NPA), uthe imali ebikuma-akhawunti abaqondisi be-Up Money ne-Uniitco (Pty) Ltd izoba sezandleni zoMbuso okusho ukuthi ngeke bakwazi ukuyikhipha ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo.
Uthe uma kutholakala ukuthi kukhona abagilekile ngenxa yaleli bhanoyi bazobuyiselwa imali yabo uma sekuphothulwe uphenyo kodwa abebegqugquzela abanye ukuthi bazongena ngeke bayithole imali yabo ngoba nabo banecala.
Ngaphandle kokushaqwa kukaR18 million kuphinde kwathathwa uR205 588.73 obukwi-akhawunti yakwa-Uniitco yaseFNB.
Kuvela ukuthi i-akhawunti yakwa-Uniitco ibinoR4 million kweyakwa-Up Money.
Kushaqwe nezimoto ezithathu zikanokusho okuyi-Audi TT, Hummer H3 neJaguar XKR Coupe ezithengwe ngumqondisi we-Uniitco.
UKhomishana osabambile kwiNCC uNksz Thezi Mabuza uthe baqale uphenyo lwabo nge-Up Money emuva kokulunywa indlebe amaphoyisa akade ebona ukuthi leli bhizinisi liyibhanoyi.
“Uphenyo lwethu luthole ukuthi i-Up Money inamalungu awu-288 900 akade efaka imali kuleli bhanoyi. Abethenjiswa igilosa nemali uma efaka amanye amalungu amahlanu. Sisebenzisana namaphoyisa, uphiko lwezokushushisa noluqasha impahla neFinancial Intelligence Centre. I-Up Money iphule isigaba 43(2)(b) seConsumer Protection Act ngokwenza ibhanoyi nokuheha amalungu omphakathi ukuthi angene kulo,” kusho uNksz Mbuza.
Phakathi kukaMeyi 4 kuya kuJulayi 2 i-Up Money ibisiqoqe ngaphezu kukaR42 million (R42 720 501.82). Ingxenye yale mali ibisuswa kwi-akhawunti ye-Up Money yakwaFNB iyiswe kwi-akhawunti yakwa-Uniitco nayo eseFNB.
Inkampani ibizenza isitokofela kodwa imali ebifakwa abantu ibibuye ingene kwi-akhawunti yomunye umqondisi we-Up Money ne-Uniitco akade eyisebenzisa ukuthenga ezitolo ezihlukene nokuthenga izimoto zikanokusho.
UNksz Mabuza udonse ngendlebe abantu ukuthi bayeke ukutshala imali yabo emabhanoyini ngoba lokho kuwubugebengu.
“Kuyicala ukuvula ibhanoyi nokutshala imali kulona. Umuntu angahlawuliswa u-10% wemali ayenza ngonyaka noma uR1 million,” kusho uNksz Mabuza.