KULOKOZA inhlansi yethemba ngombango womzila ophakathi kososeshini ababili owaKwaSanti/Klaarwater neChatsworth Minibus ngesivumelwano sesikhashana esizosayinwa maduze.
Selokhu kuqale umbango walo mzila abantu abafuna ukuya esibhedlela saseChatsworth iRK Khan bakuthola kunzima ukufinyelela kusona kwazise ayikho itekisi evunyelwe ukuya kuso.
UMnuz Mluleki Mntungwa obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uthe kunesivumelwano sesikhashana esizosayinwa wososeshini iSanti/Klaarwater neChatsworth Minibus ukuze abantu bakwazi ukufinyelela esibhedlela.
“Inkinga esekhona ngeyamabhasi asuka eChatsworth nasePhoenix aye ePinetown ake aba nokuphazamiseka. Sisahlela umhlangano wabanikazi bamabhasi nososeshini wasePinetown,” kusho uMntungwa.
Uthe bazoqhubeka nokutshala amaphoyisa ePinetown nakuyo yonke imizila ukuze abagibeli bahambe ngokukhululeka.
UMnuz Sibuyile Khwela okhulumela usoseshini waKwaSanti/Klaarwater uvumile ukuthi kunesivumelwano sesikhashana abasalinde ukuthi sisayinwe wozakwabo baseChatsworth.
Uthe balindele nokuthi kuhoxiswe icala elibavimba ukushiya abantu esibhedlela iRK Khan kodwa okwamanje abantu bashiya erenke ese-unit 5 eChatworth bese behamba ibangana ukuya esibhedlela.
UMnuz Bashir Ismail okhulumela usoseshini iChatsworth Minibus uvumile ukuthi kunesivumelwano sesikhashana abasenze ngoba bezwelana nabagibeli.
“Sizosayina uma uMnyango wezokuThutha usuzilungisile ezinye izingqinamba esinazo engibala kuzo ezokuphazamiseka kwabagibeli ePinetown. Asikatholakali isixazululo ezinkingeni ebesinazo ekuqaleni kodwa okwamanje sivumelene ngokuthi abantu abasuka eWelbedacht nezindawo ezakhelene nayo balethwe eChatsworth,” kusho u-Ismail.
Uthe inkinga yasePinetown ayikaxazululwa ngoba basalinde amaphoyisa ukuthi angenelele njengoba kuke kwavinjwa amabhasi.