OWESIFAZANE waseBilanyoni, eDumbe, oziphilisa ngokudayisa amagwinya esikoleni sendawo, akakholwa ngenhlanhla emehlele ewina ingqovungqovu yeveni ebiza uhhafu wesigidi samarandi angakaze acabange ukuthi uyoke ayithenge empilweni yakhe. UNksz Lindiwe “Sisi” Zikalala (37) uphenduke intandokazi ngakubo emukela iFord Ranger Double Cab ka-2018 esebenzisa u-dizili, ngemuva kokungenela umncintiswano ngoMeyi egaraji langakubo eyothenga i-battery yemoto kadadewabo eyiHyundai i10.
“Angikaze ngiqashwe noma ngisebenzele inkampani selokhu ngazalwa. Kwathi uma ngiphuma esikoleni ngazizamela ngokudayisa ukudla namagwinya esikoleni sangakithi iKwasa High. Udadewethu wanginikeza imoto yakhe abengasayisebenzisi okuyiHyundai I10, wathi angiyisebenzise ukuze ingisize ngithwale izinto engizidayisa esikoleni ngoba yena ubesethenge enye. Ibinenkinga ye-bettery ngabe sengiyoyithenga enye egaraji ePuma ngoMeyi. Yilapho engathola khona ukuthi kunomncintiswano wabakwaSabbat wokuwina iFord Ranger,” kusho uNksz Zikalala.
Uthi wawungenela esizwa abasebenzi basegaraji. NgoJuni waziswa ukuthi ungomunye wabatonyuliwe ukuba baye kowamanqamu eGoli obungoSepthemba 20.
EGoli banikezwe amabhokisi amathathu obekumele bakhethe kuwo nabo babebathathu.
“Kwakuyimina nomlungu waseCape Town nomunye umfana waseMpumalanga. Bobabili babenamaphoyinti amaningi kunawami. Umlungu kwathiwa akuqale yena akhethe ibhokisi. Kuthe uma sekuzoba umfana waseMpumalana ngavele ngahluleka ukuzibamba ngamdlula ngathatha elalisele kwesokudla ngayeka leli elinye elagcina selithathwa uyena,” kuqhuba uNksz Zikalala.
Emabhokisini bekunezikhiye obekufanele bazisebenzise ukuvula imoto kodwa esakhe kuphela esakwazi ukuyivula. Imoto ilethwe ngoMgqibelo, yafikela egaraji uNksz Zikalala athenga kulo i-battery.
Ube eseyishayela eya kubo lapho efike kwama khona yonke into, kwasho imikikizo umphakathi nabangani nezihlobo nonina nabaholi bendawo bemjabulela. Uthe okwamanje akacabangi ukuyidayisa ngoba ubona izomsiza emsebenzini wakhe wokudayisa.