Izindaba

Ingxabano yabelaphi bendabuko ithinta obeyintatheli

Thokozani Ndlovu|Published

ISITHOMBE somncintiswano wemoto kaDr Khehlelezi, okuthiwa waqola abantu ngawo Isithombe: FACEBOOK/DR Khehlelezi

UKHWELE wadilika umelaphi wendabuko waseThekwini, kuzakwabo emsola ngokuqola abantu ngomncintiswano wemoto owawungo-2021.

UMnuz Zamokwakhe “King Bhaka” Nzama ushiye angalazi ngoMnuz Bhongolethu “Dr Khehlelezi” Mzozo. Uthe waqola abantu ngomncintiswano wemoto engazange iwinwe ngumuntu.

Ngo-2021, uDr Khehlelezi wayenomncintiswano wemoto i-Audi RS 3, eyayizowinwa ngokuthi abantu bavote, bese kuthi ovote kakhulu ashaye achithe nemoto.

Indaba isuswe wukucasuka kukaKing Bhaka, othi udelelwe wuDr Khehlelezi, embiza ngoBob Marley.

UKING Bhaka, ukhwele wadilika kuDr Khehlelezi, ethi waqola abantu ngomncintiswano wemoto eyagcina ingatholwanga ngumuntu Isithombe: FACEBOOK

Ekhuluma uKing Bhaka uthe imoto okuthiwa yawinwa ayikaze iwinwe umuntu futhi alikho igaraji okwathengwa kulona le moto. Kunalokho uthe kwathathwa imoto eyayikhona enombala osampunga yagoqwa ngombala obomvu, ukuze ibukeke sengathi yimoto entsha. Eqhuba uthe umncintiswano awubhalwanga ngegama likaDr Khehlelezi kodwa wabhalwa ngowayeyintatheli uSandile Makhoba.

Uthe unobufakazi balento ayishoyo wathi uDr Khehlelezi akabikele abameli uma ethanda bese ekhomba negaraji athi wayithenga kulona. Wathi ngisho umuntu wase-Eastern Cape, okuthiwa wayiwina imoto, uthe ayikho kuyena, noma angabuzwa ngayo ngeke ayiveze.

Ngemva kwale nkulumo kugaxele uSandile Makhoba, okuvele ukuthi usesatshiswe nguBhubesi, osebenza noDr Khehlelezi, omsola ngokuthi nguyena otshele uKing Bhaka lezi zindaba.

“Kumanje sengisatshiswe ngokubulawa. Ngifonelwe umlisa osebenza noKhehlelezi, ethi uzongibulala. Mina angikaze ngisho lutho kuBhaka ngokwenzeka ngalo mncintiswano. Ngahamba kuKhehlelezi ngo-2021 futhi singaxabene kanti nomncintiswano wakhe ngamsingathela wona kahle wathola yonke imali yakhe kwaphela kanjalo. Okungixakayo ukuthi uBhaka ushilo ukuthi lento ayishoyo uyithole esigodlweni sakhe, mina angingeni ndawo kuyona,” kuchaza uMakhoba.

Uthe udaba uselufake kummeli wakhe, uzovula necala njengoba esesatshiswe ngokubulawa. Isolezwe ngeSonto linalo izwi eliqoshiwe, uMakhoba esatshiswa yilo mlisa, emchapha ngayo yonke inhlamba, emthembisa nokuthi uzombamba. Uze aveze nokuthi bazowuvala umcimbi kaMakhoba, iSulumlomo Tuesday.

Kuthintwa uDr Khehlezi uthe akamazi uBhaka futhi akakuzwanga akusho ngaye.

“Angifuni nokwazi ukuthi utheni ngami. Mina angiwabheki amakhasi abantu kuFacebook. Uma ngingene kuFacebook ngisuke ngisekhasini lami nalo engalenzelwa,” kusho uDr Khehlelezi.