SEKUQUBUKE indida kuvela omunye umndeni wowesifazane obekusolwa ukuthi owaseXobho, ‘ovuke ekufeni’ emuva kweminyaka engu-15 angcwatshwa.
Lo mndeni wakwaDuma, KwaDumisa, eMayfield, uveza ukuthi lo wesifazane leli phephandaba elibike ngaye ngempelasonto edlule, akuyena uNksz Nomvuyo Dlamini (30) obesegcinwe eClermont, kodwa uNksz Ntombifikile Duma (41).
UMnuz Maqili Duma uthi udadewabo omdala lona futhi sekunezinyanga ezimbili enyamalele ekhaya.
UDuma uthi kuyinto ejwayelekile ukuthi anyamalale bamfune babuye naye kodwa aphinde ahambe ayocela amashumi edolobheni.
“Usisi wami omdala, waqala ngo-2008 ukuphanjanelwa umqondo kodwa uyakwazi ekhaya ngoba noma enyamalala ubuye aqhamuke. Kulokhu bengisebenzela e-Eastern Cape ngatshelwa ukuthi uhambile ekhaya. Ngibuya manje sekuthiwa uthathwe abantu bakwaDlamini eThekwini. Sizamile ngesonto elidlule ukuyomfuna njengoba size sibuya namaphoyisa manje,” kusho uDuma.
Eqhuba uDuma uthe uyabona ukuthi amalungu omndeni wakwaDlamini abesenethemba lokuthi owabo kodwa iminyaka kadedewabo ayilingani nakancane neyendodakazi yakhona eyashona.
“Usisi unendodana eno-19, mdala kakhulu kunomuntu wabo. Kodwa ukubagculisa sizolinda imiphumela yolibofuzo. Angeke silwe nabo noma simbange usisi ngoba siyazi owalapha ekhaya,” kusho uDuma.
Uthe abantu baseHighflats abaningi bangaba ofakazi ngoba udadewabo ukhule edayisa khona nokwenza ajwayele kakhulu kuleli dolobha.
Uthintwa umndeni wakwaDlamini, ukuqinisekisile ukuthi uthathiwe lo wesifazane.
UMnuz Mlekeleli Dlamini uthe baxoxile nomndeni wakwaDuma futhi banelisekile ngencazelo yabo. Kodwa bagcine ngokuvumelana namaphoyisa ukuthi abuyele ngakubona lo wesifazane kuze kube kuphuma nemiphumela yolibofuzo. “Ngokwemininingwane abebenayo, bekukhombisa ukuthi uyilunga lomndeni wabo. Kuningi abasivezele kona mayelana nesimo sempilo yakhe. Akukho esesingakwenza ngoba nathi siyabona ukuthi kungenzeka kube ukufana kwabantu. Asisayikhaleli kakhulu nemiphumela yolibofuzo ngoba ukhombise nokubazi abantu ebebezomlanda. Kodwa zona izimpawu ebezisenza sibone sengathi owethu zikhona nokwenze samsukumela ngoba bese sinethemba,” kusho uDlamini.
Le mindeni yomibili ilindele imiphumela yolibofuzo okuthiwa izophuma emuva kwamasonto ayisithupha.
Imiphumela yolibofuzo lokuqala olenziwe umndeni wawkaDlamini kulindeleke yona iphume emuva kwamasonto awu-14.
Iphoyisa elingavumelekile ukuphawula kwabezindaba, likuqinisekisile ukuthi kube nokuvumelana kwale mindeni ukuthi kuthathwe ulibofuzo. Yilona oseluzohlukanisa inhloko nesixhanti.