KUBE nengwijikhwebu ecaleni lomfundisi webandla labasindisiwe, uMphostoli Striker Shange, njengoba ngoLwesihlanu kuvele ukuthi abesifazane asolwa ngokubadlwengula, sebefuna ukuwesula amacala.
UShange ophinde abe wumsakazi, ubevele enkantolo yeMantshi eNtuzuma ngamacala okudlwengula abesifazane abasebancane basebandleni ayekhonzisa kulo iTowers of Faith Ministries.
Ummeli kaShange utshele inkantolo ukuthi laba besifazane sebeke bayobonana nalo mfundisi ejele eWestville bamtshela ukuthi bafuna ukulicisha icala ngoba ‘basetshenzisiwe’.
Laba besifazane bathe bacindezelwa ngabathile ukuthi babhece umfundisi ngobende inyama engayidlanga.
Nokho umbuso ushaye phansi ngonyawo wathi awuzimisele ngokuwacisha la macala ngoba ngokwawo, usubuqoqe banele ubufakazi obufaka lo mfundisi ecaleni.
UShange waboshwa nyakenye, esolwa ngokudlwengula amantombazanyana ebandleni lakhe. Izinsolo zazikhomba ukuthi uShange wayedlwengula la mantombazane asemancane wayenge ngokuzenza ‘umzali owakhathalele’ njengoba kuthiwa eminye yalemigilwa ayinabazali.
Icala likaShange belilokhu lihlehliswa izikhathi eziningi njengoba nabameli abebemmela bebelokhu beshintsha.
Njengamanje umelwe abasha iMncwango SP & Associates ngemuva kokulaxaza phansi abakwaShoba Sandile Attorneys. Ngaphandle kokuba wumfundisi webandla Towers of Faith Ministries International eliseRichmond Farm, eLindelani, uShange ubuye abe ngumsakazi weVibe 94.7 FM.
UShange, odlele uKhisimusi noNcibijane esitokisini, ubhekene namacala amane, okungamabili okudlwengula, elilodwa lokuthumba nelokuhlukumeza ngokocansi amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-18.
Amacala kuthiwa uShange wawenza eLeisure Palace, eNewlands West, kusukela ngo-2014 kuya ku-12 Novemba 2018.
Imantshi yamnqabela uShange ibheyili ngoba ithi wahluleka ukunikeza inkantolo izizathu ezinqala zokuthi kungani kufanele anikezwe ibheyili futhi waqamba amanga.
Icala lihlehliselwe uMeyi 31 ukuze kudingidwe kabanzi lesi sicelo sikammeli sokuthi lihoxiswe
icala.