BAKHETHE ukuxazulula izinkinga ababhekene nazo ebudlelwaneni babo ngaphandle kwenkantolo abaculi beGqom’ uMampintsha noBabes Wodumo. UMampintsha ngoLwesine ubevele enkantolo yeMantshi ePinetown ngecala lokushaya uBabes ngoMashi nonyaka.
Ubengaphandle ngebheyili kaR2000 ngaphambi kokuthi avele enkantolo namhlanje. UMampintsha wazinikela emaphoyiseni kulandela ukuvela kwivideo eyaqoshwa nguBabes bukhoma ekhasini lakhe kwi-instagram emshaya ngemuva kwengxabano.
UBabes Wodumo uphume kwelakhe icala enkantolo yeManthsi eThekwini waphuthuma ePinetown njengoba bekuvela uMampintsha, okungaqondakali ukuthi sebebuyelene naye noma cha.
UBabes Wodumo ovele enkantolo yeMantshi ePinetwon noMampintsha asebexoxisene naye ngokuxazulula udaba ngaphandle kwenkantolo. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
Umshushisi uNdoda January wazise inkantolo ukuthi bese bekhulumile nabameli bomsolwa obazise ukuthi sebekhethe ukulungisa lolu daba ngenye indlela.
UJanuary uthe laba bobabili bazothola ukweluleka kwabantu abathandanayo kwinhlangano elekelela imindeni nabashadile, iFamily and Marriage Society of South Africa (FAMSA).
FUNDA:
Uthe uma udaba beluxazulula kule nhlangano ngeke sibe bikho isidingo sokuthi icala liqhubeke enkantolo.
Icala lihlehliselwe uJuni 11.