UBHEKENE nengwadla uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, yokunqanyulelwa ugesi ngomasipala ngenxa yokuhluleka ukukhokha isikweleti esevile ku-R7.5 million, sikagesi namanzi ezikoleni ezihluleka ukukhokhela lezi zidingo ngesikhathi. : Phando Jikelo/African News Agency (ANA)
UBHEKENE nengwadla uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, yokunqanyulelwa ugesi ngomasipala ngenxa yokuhluleka ukukhokha isikweleti esevile ku-R7.5 million, sikagesi namanzi ezikoleni ezihluleka ukukhokhela lezi zidingo ngesikhathi.
Lezi zikole eziziphathela imali ezinguSection 21, ziphathisa izikhulu zomnyango ngekhanda njengoba le mali isihlanganisa nenzalo ngenxa yokuthi ayikhokhwa ngesikhathi okubangwa yizinkinga zemali emnyangweni.
UNgqongqoshe womnyango uNkk Mbali Frazer, uthe omasipala banquma ukunqamula ugesi emahhovisi abo ngenxa yesikweleti sezikole.
Ekhuluma esiShayamtheto emhlanganweni womnyango nekomiti elibhekele ukuphathwa kwezimali zomphakathi kuleli sonto, uveze ukuthi noma kunjalo kodwa bazimisele ukuhlabela phambili balungise izinkinga.
“Asikwazi ukukhokhela lezi zikweleti, bese omasipala benqamula ugesi. Asisabuthi quthu ubuthongo nenhloko yomnyango nomphathi wezimali ngenxa yezinkinga zemali emnyangweni.”
Omasipala abahlukene bahlale banqamula ugesi, kungaba ezikoleni noma emahhovisi omnyango ngoba kungakhokhiwe.
Obemele ihhovisi likamncwaningi-mabhuku jikelele emhlanganweni uveze ukuthi ikhulile imali esebenze ngokweqile emnyangweni, isuka onyakeni odlule wezimali ngenxa yezikole ezingakhokheli izidingo, okuphoqa ukuthi umnyango ugcine usuzikhokhela.
Emhlanganweni kuvele nokuthi abanye ababengabasebenzi bomnyango, asebathatha umhlalaphansi abanye bakhonjwa indlela, bebeqhubeka nokuhola nakuba bengasekho.
Lokhu kudale ukuthi laba basebenzi bakwelete imali ebalelwa ku-R400 million.
Enye yale mali umnyango uyahluleka ukuyiqoqa kwasebehambile ngoba abanye babo sebashona, abanye kabasasebenzi okwenza kube nzima ukubathola.
Phambilini Isolezwe labika ngesikhalo seNhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, sokuthi abanye balaba basebenzi kabakwazi ukubathola ngoba babesebenza kwenye indawo, ekubeni bona bedabuka kwenye indawo.
Wenza isibonelo sokuthi omunye wuthola ukuthi ubefundisa eMkhanyakude kodwa yena ngowaseThekwini, okwenza kube nzima ukuthi babathungathe uma bengasaqashiwe ngumnyango.
Umnyango waze waqasha abaqoqi bezikweleti ababezama ukuthungatha abasebenzi, abanye babo ababengasuliwe ohlelweni lokuthi bahole, ekubeni babengasasebenzi ngoba besulile noma sebekhonjwe indlela.
UNgcobo ukhale ngokungavalwa kwezinye izikhala emnyangweni okwenza ukuthi kube nezinto ezingenzeki ngendlela ngenxa yokuthi isabelomali kasivumi.
Related Topics: