KUNENGEBHE yokuthi kuzovalwa ngehlahla kungaphasi muntu esikoleni esibhekene nengwadla yokungabi nabo othisha iGqokubukhosi High, eMelmoth.
IGqokubuso inothisha abane, oyedwa wabo uselivini yokugula ngemuva kokulimala engozini yemoto behamba nothishanhloko kwayena osanda kubuya emuva kokulimala.
Abafundi bakwamatric, abakaze bayifunde iLife Orientation nesiZulu selokhu kubuywe emaholidini kaJulayi ngemuva kokuhamba kukathisha obevolontiya efundisa lezi zifundo.
Uma abafundi befeyila isiZulu noma bangaziphasa ngamalengiso ezinye izifundo bayafeyila umatric.
Abanye abafundi kuthiwa abasalubeki esikoleni ngoba sebelahle ithemba bathi ngeke baphase njengoba befike bahlale bangafundi.
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Jabulani Zulu, uthe inkinga yokushoda kothisha kade yaqala.
Uthe isikole siqala kwaGrade 8 sigcine kwamatric. Kumanje uthi sebenqume ukusukumela udaba ngokufuna umhlangano ophuthumayo noMnyango wezeMfundo.
“Othisha bafundisa inqwaba yezifundo. Uthishanhloko ubuye ekuqaleni kwenyanga ubengekho elimele. Ufundisa isiNgisi. Ngesikhathi engekho bekubanjwa kuyekwa. Omunye wothisha uselivini yokugula izinyanga ezimbili ngenxa yokulimala. Uthisha owayesiza evolontiya akabange esabuya ngemuva kwamaholidi kaJulayi. Sisenkingeni, kuzovalwa ngehlahla kulo nyaka,” kusho uZulu.
Imiphumela yanyakenye kwamatric yayiku-47%. Okwamanje sinabafundi abangu-167, kwamanye amabanga abafundi bangaphezulu kuka-40 kwamanye babengaphezulu kuka-30.
Umatric wona unabafundi abangu-16.
UZulu uthe noma befuna ukulethelwa othisha abazobamba njengoba kukhona uthisha ongekho batshelwa ukuthi izinto zihamba kancane emnyangweni.
“Asisazi manje kumele senze njani ngalesi simo. Izingane zethu zililahlile ithemba ngenxa yokungafundi. Sinethemba lokuthi umhlangano nomnyango uzothela izithelo sibathole othisha.”
Elinye ilungu lalesi sigungu uNkk Promise Dlamini lithe sebekhathele ukukhuluma into eyodwa nothishanhloko.
“Sihleli sikhuluma into eyodwa sifuna othisha kodwa sitshelwa indaba yokuthi wumnyango obambezelayo. Yizingane zethu ezingafundi, ezizofeyila ngenxa yokungabikhona kothisha. Sifuna ukulethelwa othisha.”
Okhulumela umnyango, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe indaba yokushoda kothisha ayibhekene nalesi sifundazwe kuphela kodwa yinkinga ebhekene nezwe.
Uthe yinto ebhalwe phansi okungadingi ukuthi ixoxwe ukuthi uma kukhona uthisha oselivini yokugula ozohlala isikhathi eside kulethwa uthisha ozovala isikhala sakhe.
“Uthishanhloko kumele afake isicelo sokuthi alethelwe uthisha ozobamba isikhala sikathisha ongekho. Akukwazi ukuthi izingane zingahlala zingafundi ikakhulu njengoba kuqala ukubhala umatric ngenyanga ezayo.”