NKOSIKHONA CELE
USOMABHIZINISI waseNewcastle, Osizweni, uhlanganise amaqembu amabili emigulukudu ngenhloso yokuqeda isihlava sokubulawa kwabantu bendawo ngokuklajwa ngobhubhu, osekudale ukuthi kube khona abathuthayo.
UMnuz Phumlani Dlamini owaziwa ngelikaMngcwabuyahlehla uhlanganise le migulukudu okusolakala ukuthi ibulala abantu ngenxa yezidakamizwa, iphinde ibulalane yodwa njengoba ihlukene ngokosikompilo yayo. Kukhona ebizwa ngamaLast Warning engezwani namaJuveniles. UDlamini uhlanganise la maqembu, amalungu omphakathi, abaholi bomphakathi, abezepolitiki nomphathi wamajele waseNewcastle, uMnuz Mandla Nkosi.
“Okumangazile wukuthi baphume ngobuningi babo. Nasemhlanganweni abazange bavuse umhlwenga, bebelalele, bekhombisa ukuwezwa wonke amagama abebhekiswe kubona. Bonke abebesemhlanganweni bebebanxusa ukuthi babuyele emakhaya abo, bathole impilo ehlanzekile njengontanga yabo,’’ kusho uDlamini.
Ngokombiko wamaphoyisa, bangaphezu kuka-30 abantu asebebulewe kule ndawo. Bonke baklajwa ngobhushu.
Lo mhlangano uthathe cishe usuku lonke, waphetha ngokuthi kube nomdlalo webhola obe phakathi kwala maqembu emigilukudu okuyinto edonse amehlo omphakathi ovele wagcwala phama enkundleni yezemidlalo uzozibonela ngoba ungakholwa.
“Nginethemba lokuthi emuva kwalo mhlangano buzoba khona ubungcono ngoba nabo bakuvezile ukuthi sebekhathele yile mpilo yobulwane,’’ kusho yena.
La maqembu akhuthaziwe nangokuthi ajwayele ukuzodlala ibhola ukuze engezoba nesikhathi sokuganga nezidakamizwa.
NgokukaDlamini, le mihlangano efuze le izoba khona cishe nyanga zonke ukuqinisekisa ukuthi le migilukudu igcina izwile ngempela. Uthe bazozama nokuthi basondeze eduzane nabanye ongoti okubalwa kubo abakwazi ukuhlumelelisa izimilo, ukweluleka ngokomqondo nabazobakhuthaza emidlalweni.
‘’Sifuna kube khona nabazokwazi ukuhlola amakhono abo ukuze basebenze futhi bayithande impilo yabo’’.
Uthe nemindeni yabo futhi bayisondeza eduze ukuze balekelelwe baxolise naseziphambekweni abazenzile ngaphambi kokushiya amakhaya.
Ugcizelele ukuthi okuseqhulwini yinhlalonhle yamalungu omphakathi asoSizweni.
Induna yendawo engathandanga kubhalwe igama layo, ithe okwenziwe wuDlamini kube yisimangaliso. Uthe bekungakholakali ukuthi la maqembu ahlezi ndawonye njengoba kwenzekile.
UNkosi uthe bayethemba ukuthi lokhu kuhlangana phakathi kwalawa maqembu kuwukuqala kokuthula noxolo phakathi kwawo. Naye utuse uDlamini ngesibindi sokuhlanganisa lawa maqembu amabili asatshiswa okwenyoka.
Bekukhona noMnuz Mongezi Thwala oyilungu le-EFF esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, naye onxuse ukuthi kube nokuthula kule ndawo, waphinde wancoma. Ukhuthaze umphakathi ukuze nawe ube yingxenye yale mizamo yokuletha ukuthula, uze nasemihlanganweni esazolandela.