Izindaba

Ingoma yonyaka icishe yakhipha esinye isidumbu

Charles Khuzwayo|Published

UTHATHWE ngesikhathi enakekelwa lapho elimele khona Isithombe: SITHUNYELWE

UMLANDELI womculi kamaskandi, uKhuzani “Idlamlenze” Mpungose ugencwe ngocelemba, washiselwa indlu emuva kokuhalalisela iqhawe lakhe ngokuhlukanisa unyaka oKhozini.

UMnuz Siyabonga Gumede uthe ubeqeda ukuthandaza emuva kokuhlukana konyaka wabe eseya kwamakhelwane.

"Ngifike khona ngabuza ukuthi iyiphi ingoma ehlukanise unyaka ngoba anginawo umsakazo futhi bengikhuleka ngesikhathi kumenyezelwa ingoma ehlukanise unyaka oKhozini. Bathe uKhuzani, ngabe sengithi 'UKhuzani useyingqwele ngempela ngoba usewuhukanise unyaka kwaze kwaba kabili.'"

ISALE inje indlu kaMnuz Siyabonga Gumede emuva kokuhlaselwa wumakhelwane wakhe Isithombe: SITHUNYELWE
UGENCWE kanje esithweni uMnuz Siyabonga Gumede ngenxa yokujabulela ingoma yonyaka Isithombe: SITHUNYELWE
ISANDLA sikaMnuz Siyabonga Gumede sisale sinje emuva kokuvika ucelemba obuzomgenca ikhanda Isithombe: SITHUNYELWE
USALE nezingozi umlandeli kaKhuzani emuva kokusinda egencwa futhi eshiswa nendlu ngumakhelwane wakhe Isithombe:SITHUNYELWE

Uthe uyinyathele emsileni komunye umakhelwane wakhe amgagule ngegama.

"Uvele wathi naye usafuna ukukhombisa ukuthi uyingqwele maqede wangishaya ngesibhamu. Ungiphindile wangishaya ngesibhamu sabe sesibambana ngezandla, salanyulwa, kwathiwa asingalwi emzini wabantu."

UGumede uthe wasuka lapho wayolala kubo kodwa wangakhiya emnyango.

"Kwathi ngabo-4.30 ekuseni, ngisabanjwe wubuthongo, ngezwa sengigencwa wucelemba eqakaleni. Ngathi ngiyabuza ukuthi kwenzenjani, angiphinde ngocelemba. Wathi ungigenca ikhanda ngavika ngesandla, naso sagenceka. Wathi esuka lapho wangibhunyela emzimbeni ngopharafini. Wathi uzama ukungishisa kodwa umentshisi wangavutha."

Uthe umsolwa wabe esememeza omunye umakhelwane wabo ukuba ayomlandela isibhamu.

"Kwathi esaphumile, nganyonyoba ngabaleka ngilimele nginjalo. Wasale washisa indlu ebengihlala kuyo."

Uthe icala ulivule ngoJanuwari 2 esiteshini samaphoyisa saseSt Lucia kodwa bekungakaboshwa muntu.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abakwazi ukuphawula okwamanje ngoba udaba alukabhaliswa emabhukwini abo.

UGumede uthe ulimele kakhulu ngoba emjondolo wakhe bekunepasi, ilayisense yokushayela, izitifiketi zobu-security nePsira, i-logbook nezikhiye zemoto, amathuluzi okwakha nemali abeyigcinele ukuthengela izingane izimpahla zesikole nokondla kubo."

Kwenzeka konke lokhu nje, uGumede ubeqeda kuthola itoho lokushayela kwenye inkampani. Uthe umphelele kanjalo umsebenzi njengoba engakwazi kwenza lutho ngoba ulimele onyaweni nasengalweni. Kwesinye isigameko okuphume kuso isidumbu kubangwa ingoma ezohlukanisa unyaka, kubulawe ngokugwazwa ngentshumentshu uMnuz Mvelo Khumalo (25) waseBhukhanana, eMpangeni ngoDisemba 31 kwaboshwa owesilisa oneminyaka engu-24.