BADINWE ukuhamba kwezinsuku bengafundi futhi bengazibhali izivivinyo abafundi basezikoleni ezimbili zaseMakhonyeni, eJozini, abagcine betholana phezulu namaphoyisa ngoLwesithathu.
I-video ekhombisa amaphoyisa amabili ebhonya kanzima umfundi, isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu emini.
Ikhombisa abafundi bebaleka begcwala izinkalo, bejahwa iveni yamaphoyisa.
Uma iqhubeka, kubonakala iveni ibuyela engxenye ngesivinini, bese kwehla iphoyisa elilodwa liphuma iqhubu nomfundi oyedwa, limbhonya. Ligcina selijoyinwa elinye, nalo elifika, lisine lizibethele kulo mfundi, bese limbamba ngesidlozane, limyisa evenini.
Isishoshovu somphakathi esinguNobhala we-ANC ku-ward 7, uMnuz Siyanda Ntshembeni, sithe abakutholile ukuthi abafundi basesikoleni iZibukweni High neSinethezekile High, bakhethe ukuteleka ngoba kwanda izinsuku bengafundi.
“Kunombhikisho onokuthula olokhu uqhubeka wothisha beSadtu neNatu. Sizwa kuthiwa abafundi bathi badinwa ukuthi kuthikamezeka imfundo yabo,” kusho uNtshembeni.
Uthe abakutholayo ukuthi abafundi bathi bakhathele ukuvuka baye ezikoleni bethi bayofunda, kodwa bafike bajikiswe.
“Bakhathazwa nawukuthi kwenzeka lokhu nje, yisikhathi sezivivinyo lesi, kufanele engabe bayabhala,” usho kanje.
Uveze ukuthi lapho okubonakala khona kwi-video yodlame lwamaphoyisa, ingaphandle kwesikole iGugulesizwe High.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa awabonile ama-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana, akhombisa amaphoyisa eshaya umfundi, ngesikhathi eyomfaka evenini.
“Ukuziphatha okunjalo emaphoyiseni akuvumelekile. Kuzophenyisiswa ubuqiniso be-video, uma amaphoyisa etholwa esephutheni lokusebenzisa indlakadla eyeqile, azothathelwa izinyathelo ezinqala,” kusho uNetshiunda.
Ubuye waveza nokuthi amaphoyisa aseJozini abophe abafundi abane, ngokudala udlame emphakathini, ukuhlasela amaphoyisa nokulinyazwa kwempahla.
“Imibiko ithi abafundi bezikole ezimbili zamabanga aphezulu bamashele esikoleni sesithathu ebesingatelekile, basusa umbhikisho onodlame esangweni. Ngesikhathi benza lo mbhikisho, balimaze imoto yamaphoyisa ngamatshe, baphinde bahlasela nawo uqobo,” kusho uNetshiunda.
Uthe abafundi abane abagcine bekhalelwa amasongo kaSigonyela, baneminyaka ephakathi kuka-18 no-20.
“Babuye badedelwa emva kwesikhathi, banikezelwa kubazali babo. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasoBombo namuhla, (esho izolo) bephelezelwa abazali babo,” usho kanje.
Wexwayise izitshudeni, abafundi nawo wonke umuntu onesifiso sokumasha noma nesokubhikisha ukuba bakhumbule ukuthi lokho akufanele kuphazamise umthetho ngoba amaphoyisa azovikela abantu nempahla.