BASATHUKILE abantu bakuleli abasinde ngesikhathi kuqhuma ibhomu eGiza, eEgypt, ngeSonto.
Lezi indaba zivezwe wuMnuz Aubrey Snyman oyikhansela laseWentworth othe abanye babantu akade behambele e-Egypt baphuma kule ndawo.
Uveze ukuthi kubona bekukhona amaKhatholika awu-25 aphuma emasontweni ahlukene.
“Ngikhulumile nabantu akade beye-Egypt, iningi labo amaKhatholika akade evakashele izindawo ezinomlando kuleliya lizwe. Okwamanje basathukile ngoba iningi labo lingitshele ukuthi lijabulela ukuba sekhaya emuva kokusinda ekufeni,” kusho uSnyman.
Uthe bane abantu abasele e-Egypt, okungabathathu abalimele nowesifazane osazimazise umyeni wakhe olimele.
Abantu bafike izolo esikhumulweni samabhanoyi i-OR Tambo kwathi abaseThekwini badlulela eKing Shaka.
Abanezihlobo ezisasele e-Egypt bayacelwa ukuthi bashayele * -012 351 1000 ukuthola imininingwane ngezihlobo zabo.
IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithe ibafisela ukuthi balulame abantu baseNingizimu Afrika abahlangabezane nale ngozi.
“Sizwile ngesigameko esibuhlungu esithinta nabantu baseThekwini akade beyovakasha e-Egypt. Sithole ukuthi bekunamaKhatholika aseWentworth, Bluff, Amanzimtoti naseBenoni akade ehamba noFata Folley eyovakashela izindawo eziyingcwele. Siyabonga umsebenzi owenziwe wuNgqongqoshe wezangaPhandle uNksz Lindiwe Sisulu nenxusa lakuleli e-Egypt, uMnuz Vusi Mavimbela ngoba sebebuyile abantu abawu-23 akade bekuleliya lizwe,” kusho uNkk Gumede.
UMbhishobhi William Slattery okhulumela amaKhatholika eNingizimu Afrika ukuqinisekisile ukuthi akhona amalungu ebandla abehambele e-Egypt kodwa akanayo imininingwane yemindeni yawo.