SITHOLWE sesiqala ukonakala ehlathini isidumbu sowesifazane Isithombe: SIGCINIWE
KUTHOLAKALE isidumbu sowesifazane sisongwe ngeshidi, salahlwa ehlathini lapho kulahlwa khona udoti futhi okuthezwa khona eMthwalume, ogwini oluseningizimu yaKwaZulu-Natal.
Isidumbu ebese siqala ukonakala, ngesowesifazane obalelwa eminyekeni eko-40, sitholwe ngoMsombuluko eduze komgwaqo uR102.
Ihlathi ngelikaMnuz Siyabonga Gasa, ongumnikazi wepulazi likamoba okwatholalwa kulona izidumbu ezintathu ngo-2020.
Ngaleso sikhathi uGasa wakhipha umklomelo kaR20 000 kumuntu onganikeza amaphoyisa ulwazi olungaholela ekuboshweni kombulali.
Kulokhu uGasa ukholwa ukuthi lesi sigameko kasihlobene nesango-2020 kodwa wubugebengu obenziwe wumuntu owaziyo ukuthi le ndawo kulahlwa kuyo udoti futhi kuyathezwa.
Uthe ubizwe endaweni yesehlakalo yiphoyisa (lepulazi) elimshayele ucingo, okuthe uma efika wabiza amaphoyisa aseHibberdene.
“Ngisola ukuthi umufi uqale wadlwengulwa, wabe esesongwa ngeshidi nangengubo yokulala (isidumbu) salahlwa ngabantu engisola ukuthi bebemi emgwaqweni ongenhla kwehlathi,” kusho uGasa.
Usole ukuthi akayedwa umntu olahle isidumbu athe ngesomuntu omkhulu ngomzimba.
Unxenxe abantu ukuthi behlise amaphaphu ngesehlakalo sakamuva, wanxenxa abantu ukuthi basebenzisane namaphoyisa ukuthola abenzi bobubi.
“Le sehlakalo senzeke ngesikhathi lapho bese kuqala kuba nozinzo eMthwalue, oke waduma kabi. Abantu abehlise amaphaphu. Lesi sigameko ngisola ukuthi senziwe wumuntu kwenye indawo, wase ezolahla isidumbu kuleli hlathi,” kusho uGasa.
Isishoshovu somphakathi, uNksz Hlengiwe Gambushe sithe kubashaqile ukutholakala kwesidumbu, kwavusa amanxeba ango-2020.
UNksz Gambushe uthi isidumbu sibonwe ngabantu abebefaka ikhebuli emgwaqweni, ababone izinyawo zivelile.
“Kubukeka kuwumuntu obulawe kwenye indawo, wabe esezolahlwa ehlathini ngoba ubegqoke amaphijama. Noma wubani onesihlobo esidukile akaye emaphoyiseni ayobika,” kusho uNksz Gambushe.
Uveze nokuthi ngenyanga edlule kutholakale isidumbu sendoda sishumpulwe ikhanda ehlathini eliKwaNomakhanzane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseHibberdene aphenya icala lokubulala futhi kayaziwa imbangela yokubulala.
Uthe isidumbu sowesifazane ebese sonakele, sitholwe ngabasebenzi abebemba eduzane komgwaqo uR102.
“Besisongwe ngeshidi ebelinamachaphazelo egazi kodwa singenawo amanxeba abonakalayo. Sicela noma wubani onolwazo olungasiza ekuboshweni kwabasolwa, aludlulisele emaphoyiseni endawo noma kwiCrime Stop enombolweni ethi: 08600 10111,”kusho uLt Col Gwala.
Related Topics: