SEKUNOVALO lokuthi kungase kuqubuke isihlava sokungabekezelelani emaqenjini ezombusazwe KwaZulu-Natal, njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngoMeyi ngemuva kwesigameko sayizolo lapho kulwe amalungu e-ANC ne-IFP eLindelani, KwaDukuzwa, kwaba khona abalimalayo.
Amalungu ezinhlangothi zombili alimele. Kubikwa ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela. Ukuhlaselana kwenzeke phambi kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele okunguye obehola amavolontiya kaKhongolose abengena umuzi nomuzi eLindelani ekhankasa.
UCele, osuke KwaDukuza wazoba ingxenye yeMayihlome Rally ye-ANC enkundleni yezemidlalo ePeople’s Park, eMoses Mabhida eThekwini, akazange athi vu ngalesi sigameko.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala ukugxekile okwenzekile, wathi bazokusukumela benze isiqiniseko sokuthi aziqhubeki izigameko zalolu hlobo.
“Sizoyisukumela le nto ngoba asifuni ukuthi lapha KwaZulu-Natal kube khona indawo okuthiwa ingu-alubhadwa. Sizoxhumana nobuholi be-IFP siyinqande le nto ingaze ibhebhethekele nakwezinye izindawo,” kusho uZikalala.
USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala ukugxekile naye ukuhlaselana, wathi bazokusukumela.
“I-IFP izibophezele oxolweni nasekusebenzisaneni ngendlela enokuthula. Noma ngabe kuthiwa ubani oqale uchuku kodwa abe-IFP bathi basukelwe abe-ANC, nabe-ANC bathi basukelwe yi-IFP. Ngoba besingekho sithi akube khona ukubambisana uma kukhankaswa,” kusho uGwala.
Uthe ngonyaka odlule kwakhiwa ikomiti lamalungu amahlanu eNkatha ne-ANC khona KwaDukuza ngoba kwakubonakala ukuthi kukhona inhlese yokungabekezelelani.
“Leli komiti sibona sengathi alisebenzi kahle. Ukuba belisebenza ngendlela lesi sigameko besizogwemeka. Sithi thina kumele liqiniswe ukuze lisebenze kahle,” kusho uGwala.
Ngokuthola kweSolezwe i-IFP beyinomhlangano ehholo endaweni, amalungu e-ANC abehamba ngezimoto ephelezelwa ngamaphoyisa engena umuzi nomuzi. Abe-IFP baye kubo beyobuza ukuthi beza kanjani kule ndawo ngoba phambilini bathi kusezingulubeni. Kwaphendulwana, kwagcina ngokuthi kujikijelwane ngamatshe.
Uyedwa owe-IFP olimele, abe-ANC balinganiselwa kwabayisikhombisa. Uyedwa olaliswe esibhedlela kwabalimele, abanye belashwe badedelwa.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa abizwe kule ndawo kanti asiqaphile isimo.