BATHUKA izanya abahlali basehostela KwaMashu, okuthiwa sekubulawe abantu abangaphezu kweshumi esikhathini esingangenyanga.
Silokhu siqhumile isibhamu kuleli hostela, okwenza ukuthi abahlali bangafuni ngisho ukukhuluma nabezindaba ngalolu daba. Isolezwe lithole ukuthi ukwanda kokubulawa kwabantu kuqale ngenyanga edlule, okuhlanganisa nokubulawa balandeli bakamaskandi.
Ngokwezibalo Isolezwe elinazo nezinombolo zamacala, kuvela ukuthi bayisishiyagalolunye asebebulawe emasontweni amabili edlule. Akekho ophumela obala ngalezi zigameko kodwa imithombo engaphakathi ehostela isola umbango wobunkabi nokuziphindiselela.
Ezigamekweni zakamumva kubulawe abathathu ngoLwesihlanu, okuthiwa yizinsizwa ezisuka ngandawonye e-Estcourt. Kulesi sigameko kubulawe uMnuz Thembelani Khumalo (32), uMnuz Khuluza Zwane (26) noMnuz Sibonakaliso Kubheka (32). Kuthiwa babulawe ngezithuba zabo 8 ebusuku, behleli endlini eyodwa.
UMnuz Nduku Khumalo onguyise kaThembelani, uthe kuqalwe ngendodana yakhe kulesi sigameko.
“Indodana yami ibisuke emakhaya ngoLwesithathu izozama amatoho. Ibijwayele ukulokhu ihamba ibuya ehostela ngoba izama amatoho. NgoLwesihlanu yayihleli nezinye izinsizwa ngesikhathi kungena umuntu ezodubula,” echaza.
Uthe uThembelani nguye owavula isicabha kwaqalwa ngaye washonela endaweni yesigameko. Abangani bakhe bashonele endleleni eya esibhedlela.
UKhumalo uthe namanje usadidekile ngoba indodana yakhe ibikhonze ukuthula.
NgoLwesibili olwedlule kwadutshulwa umculi kamaskandi uNjabulo Mgwaba (39), obedume ngoMthandiwenyama. Kuthiwa kwangqongqoza umuntu ongumkhaya wakhe wamdubulela endlini. Kusona lesi sigameko kuphinde kwabulawa ababili okuthiwa ukubulawa kwabo kuhlobene nalesi sigameko. Emasontweni amabili edlule kwabulwa abalandeli beGcokama eLisha ababili, ababelungiselela ukuya ekhonsathini likamaskadi eMoses Mabhida Stadium.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe uNgqongqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda ukhathazekile ngalezi zigameko.
“Sisebenze kakhulu eminyakeni edlule ngokubambisana namaphoyisa ukulwa nokubulalana kuleli hostela. Kuyadumaza ukubona leli hostela libuyela emuva. Isimo sisiqaphe ngelokhozi futhi ungqongqoshe uyaluxoxa udaba lokuqinisa ezokuphepha,” kusho uNcalane.
Uthe ungqongqose ujube ithimba elihlanganisa izinduna, amabutho namaphoyisa ukuthola umnyombo ngokubulawa kwabantu kuleli hostela. Unxuse umphakathi ukuthi ulekelele uma unolwazi ngalezi zigameko.
ULieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe akhona amacala amaningana asevuliwe okubulawa kwabantu kusukela ngenyanga edlule. Uthe asaziwa isizathu sokubulawa kwabo futhi akukaboshwa muntu.