INGASE ixazululeke inkinga yokugcwala ngokweqile kwezitshudeni ezithutheleka ezikhungweni zemfundo ziyofuna izikhala. UMnyango weMfundo ePhakeme uqhamuke nohlelo lokuthi izitshudeni zifake izicelo zokufunda ophikweni olulodwa.
Lokhu kulandela ukukhishelwa umphakathi ukuze uphawule komthethosivivinywa, iCentral Application Service Bill ozosiza izitshudeni ezifake izicelo kulolu phiko.
Okwamanje uphiko olufuze lolu luKwaZulu-Natal kuphela, okuyiCentral Applications Office (CAO). Lolu phiko lusiza abafuna izikhala ukuthi bafake izicelo kulona bese imininingwane yabo inikwa zonke izikhungo.
Ofuna ukufunda esifundazweni ukhetha izikhungo neziqu afuna ukuzenza ngokulandelana kwazo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Lunga Ngqengelele, uthe inhloso yalo mthethosivivinywa wukusiza izitshudeni ngokuthi zifake izicelo ophikweni olulodwa.
Uthe kuzosizakala izitshudeni ukuze zikwazi ukukhetha imikhakha ezizoyenza.
“Izitshudeni zizofaka izicelo bese zikhokha imali eyodwa yokufaka isicelo. Zizokwazi nokuthi zifake izicelo zokufunda ezikhungweni eziningi ukuze zisheshe zikwazi ukuthola izikhala,” kusho uNgqengelele.
Sekunesikhathi umnyango ubheka indaba yokuthi kube nophiko olulodwa okufakwa kulona izicelo, ukuze bangathutheleki baze balale ngaphandle ezikhungweni ngoba befuna izikhala zokufunda.
UNgqengelele uthe enye yezinto ezokwenzeka ngaphansi kwalo mthethosivivinywa ngukuthi kunqunywe nemali ezokhokhwa izitshudeni kuleyo mikhakha eziyenzayo.
“Inhloso ngukuthi nezitshudeni ezihlala emakhaya nasezindaweni ezikude kube lula ukuthi zikwazi ukufaka izicelo zokufunda. Akuzogxilwa kuphela emanyuvesi kodwa nasemakolishi amakhono kuzoba lula ukufaka izicelo zokufunda, usebenzisa lolu phiko.”
Kuzobunjwa ibhodi elizolawula iCentral Applications Service, izikhungo zonke zizoba yingxenye yalolu phiko.
Kulindeleke ukuthi iCentral Applications Service iqale ukusebenza ngo-2021 ukuze kusizakale abazofaka izicelo ngo-2022.
UNgqengelele uthe okwamanje iCentral Applications Clearing House (CACH), eyasungulwa ng-2013 izoqhubeka nokusebenza kuze kuqale ukusebenza kweCentral Applications Service.
Abantu banikwe kuze kube uJuni 6 ukuthi baphawule.