UMDIDIYELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Jeff Radebe, wethule ubufakazi esigcawini esiphenya ngokukhothama kweNkosi Albert Luthuli
Image: FACEBOOK/ KZN ANC
I-ANC KwaZulu-Natal ikuchaze njengenganekwane ukuthi owayengumengameli wayo, Inkosi Albert Luthuli, washayiswa yiguzu.
I-ANC ithe isola isandla semfene ekukhothameni kukaLuthuli, owayesephenduke iqaqa kuhulumeni wobandlululo.
Izolo umdidiyeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Jeff Radebe, wethule ubufakazi esigcawini esiphenya ngokukhothama kukaLuthuli.
URadebe utshele isigcawu esihlezi eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuthi bayaphikisana nokwatholwa yisigcawu sokuqala esasiphenya ngokukhothama kukaLuthuli.
Le sigcawu sango-1967 sathola ukuthi uLuthuli wakhothama emva kokushayiswa yiguzu.
ULuthuli uthe isigcawu sango-1967 sasiyimizamo kahulumeni wobandlululo yokufihla imbangela yokukhothama kukaLuthuli.
"Lesiya sigcawu sasingazimele. Ngenhlanhla ngawufundela umthetho. Ngenza izifundo zami oNgoye. Laphaya safundiswa ngokwahlukana kwamandla anikezwa izinhlaka zokuphatha. Satshelwa ukuthi kukhona izinhlaka zomthetho, kube khona iPhalamende kanye nohulumeni. Zonke lezi zinhlaka zinikezwe amandla ahlukene, zizimele."
Uthe:"Kulesi sigcawu sibona incwadi ebhalwe yimantshi eyayilalele isigcawu, ebhekiswe esikhulwini sikahulumeni lapho bekhuluma khona ngecala. Lapha kusho ukuthi bawuphula umgomo othi lezi zinhlaka zinikezwe amandla ahlukene. Kuyona le ncwadi siphinde sibone futhi yona imantshi lena ibeka umbono wayo ngesigcawu, ngaphambi kokuthi izwe ubufakazi. Konke lokhu kusitshela ukuthi inhloso yesigcawu kwakuyikho ukufihla iqiniso."
URadebe uthe uLuthuli wayenyamanambana kuhulumeni wobandlululo ngenxa yokulwa kwakhe nokucindezelwa kwabantu abamnyama.
URadebe uthe uhulumeni wobandlululo wazama kaningi ukuvala uLuthuli umlomo.
"Amaphoyisa kahulumeni wobandlululo ayembona njengomuntu oyingozi uLuthuli. Zikhona izincwadi eziveza lokho. Okwakubakhathaza kakhulu wukuthi yayehluleka yonke imizamo yabo yokumvala omlomo. Wayekwazi ukubahlakaniphela, aqhubeke nokubamba imihlangano. Nangesikhathi izinhlangano eziningi zezepolitiki sezivalwe imilomo, wayekwazi ukuqhubeka nokubamba imihlangano eyimfihlo."
URadebe uthe uLuthuli wabamba iqhaza elikhulu ngesikhathi kuliwa nohulumeni wobandlululo, ebambisene nabaholi abafana nowayengumengameli, uMnuz Nelson Mandela, kanye naloyo owaba umengameli we-ANC isikhathi eside, uMnuz Oliver Tambo.
URadebe uthe ngaphansi kobuholi bukaLuthuli i-ANC yaqinisa umkhankaso wokulwa nohulumeni wobandlululo, waze waqala umbutho wezempi, uMkhonto weSizwe.
URadebe uthe ukulwa kwe-ANC nohulumeni wobandlululo ngaphansi kobuholi bukaLuthuli kwakufakela uhulumeni wobandlululo amehlo omhlaba.
"Lokhu kwafaka uhulumeni wobandlululo ngaphansi kwengcindezi. Kwakuthi uma uhulumeni wobandlululo uzama ukuqinisa isandla, abantu bavele bavuthe kakhulu."
Isigcawu siyaqhubeka.
Related Topics: