UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthi usuku lwanamhlanje kumele lube nokuthula ukuze izingane zihambe kahle.
UCele usho lokhu enkonzweni yokuvalelisa izingane ezingu-21 ezashonela eNyobeni eseScenery Park, e-Eastern Cape.
Uthe yize kunjalo, kepha kuzomele babuye beze kule ndawo kuzoxatshanwa ngoba kusenemibuzo okumele iphendulwe kodwa hhayi namhlanje.
Uqhube wathi yena nondunankulu bazoba nohlelo nomphakathi wendawo lapho bezodingida izingqinamba ezibhekene nabantu endaweni.
“Umbuzo ohamba phambili uthi sekuboshwe bani? Njengamanje kunethimba labashushisi elikhona endaweni elicubungula yonke imininingwane yokuthi kwenzakaleni ukuze uma kukhona oboshwayo, avalelwe ngempela. Kungaboshwa umuntu ozojike adedelwe,” kuchaza uNgqongqoshe wamaPhoyisa.
UCele uthi okunye wukuthi abantu baveze ukuthi kudala bekhala ngale ndawo emaphoyiseni kodwa bengasizakali. Uthi ukhomishana wamaphoyisa uzolandela lolo daba, uma sekuhlanganwa, kuzomele kube nezimpendulo eziqondile.